Kuxwayiswe abafundi “ngembuzi” becetshiswa ngamaqhinga ezivivinyo

155

MTHOBISI SITHOLE

BACETSHISWE ngamaqhinga okucijela ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka
abafundi bakamatikuletsheni njengoba sekusele amasonto amabili ziqalwe. 

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, uthi kubalulekile ukuba abafundi bafune usizo uma beludinga, ngaphambi kokuba kuqalwe ukubhala ngephepha lokuqala lesiNgisi mhla ka-30 kwephezulu. 

Umqondisi-jikelele wezemfundo eyisisekelo, uMnu Mathanzima Mweli, uthe kuyabasiza abafundi ukuya esikoleni nsuku zonke uma bebuyekeza amaphepha ezivivinyo nokuthi basebenzise aweminyaka ewu-5 edlule. 

Uveze ukuthi kubalulekile ukuba batadishe izifundo ezimbili osukwini.  

UDkt Ngogi Mahaye (osesithombeni) -osehhovisini likangqongqoshe wezemfundo esifundazweni – utshele ILANGA ukuthi kumqoka ukuba umfundi azi ngamazinga okuphasa adingekayo ukuze akwazi ukwenza izifundo afisa ukuzenza ezikhungweni zemfundo ephakeme.

 Weluleke abafundi ukuba baqinisekise ukuthi banolwazi okuyilona ngamaphepha
ashintshile ku-2023. 

Uthe bubalulekile nobuchule bokuthi iyiphi imibuzo ozoqala ngayo ukuyiphendula ephepheni – qala ngalokhu okwaziyo, ugcine ngalokhu okungabazayo. 

“Yazi izincazelo ezijulile zalawa magama ayizenzo: list, label, relate, describe, discuss, explain, apply, demonstrate, illustrate,
examine, njalo njalo. 

“Qaphela nomehluko emagameni ayimibuzo, okuwu-who, why, which, when, what, no-how

“Ngisho ngoba iyahlupha le mibuzo ngoba ungaze unkante, uzitshele ukuthi uyashaya kanti ushaya eceleni,” esho.

Uthi okubaluleke ukwedlula konke, wukwazi ngezindlela zokuphendula njengo-matching, ama-essay, i-multiple choice no-true or false.

Utshele leli phephandaba ukuthi elinye ishwa elinokwehlela abafundi, ngelokufuna ukuphatha imbuzi. 

Uthe lokhu kunobungozi bokulahlekelwa yikusasa lakho uma ungumfundi.

Uthe ngezinsuku zezivivinyo, kubalulekile ukuba abafundi badle isidlo sasekuseni futhi baphuze namanzi enele ukuze babe sesimeni esihle sokubhala. 

Previous articleUmphumela wezingozi emnothweni, ubalelwa ezigidini zamarandi
Next articleKufezeke iphupho lokulingisa kumculi kamaskandi