Kuxwayiswe amaphoyisa ngamantshontsho uCele “evalelisa”

176

THANDOLUHLE NGUBO

UVALELISE ngokugaxa amaphoyisa asezikhundleni eziphezulu izindondo zegolide ngokwenza kahle obengungqongqoshe wamaphoyisa, uMnu Bheki Cele, emcimbi obusePretoria ngoLwesibili. 

UCele – odliwe yizembe ngesikhathi i-ANC ilahlekelwa yizihlalo eziwu-70 ePha-lamende, emuva kokhetho lukazwelonke lwangomhla ka-29 ku-Nhlaba (May) nonyaka – uklomelise amaphoyisa kusuka esigabeni sika-major general kuya phezulu, naseyibambe iminyaka engaphezu kuka-30 embuthweni. 

Phakathi kwamaphoyisa aklonyelisiwe kubalwa uMkhuzi wamaPhoyisa, uGen Fannie Masemola, yisekela lakhe  elibhekelele ukusebenza kwamaphoyisa uLt-Gen Tebello Mosikili noMkhuzi wamaPhoyisa aseGoli uMax Masha. 

Ethula inkulumo yakhe yokugcina engungqongqoshe uCele, uthe le miklomelo iyingxenye yokubonga nokugqugquzela abenza kahle emaphoyiseni.

UMasemola ubonge amaphoyisa ngokuzinikela evikela imiphakathi, wabonga noCele ngendondo amnike yona.

UMasha uxwayise amaphoyisa asemasha ngokufunjathiswa yizigebengu nokubaluleka kokwethembeka embuthweni. Uthi nakuba ukuba yiphoyisa kuwumsebenzi onzima onezingqinamba ko-dwa uma umuntu ezinikele wenzeka kalula.

ngubo@ilanganews.co.za  

Previous article20 June 2024
Next articleUmphakathi uhlaliswe lubhojozi yizigilamkhuba ezidubulayo