Kuyaqhubeka ukulalelwa kwelikaNgizwe

257

Umbuso uthi akangiyinikwa ibheyili ngoba kunamathuba okuthi aphinde abaleke

UNGIZWE Mchunu waseMabhuqwini, eNkandla enkantolo eRandburg, eGoli izolo ngoLwesithathu ISITHOMBE: SITHUNYELWE

MTHOBISI SITHOLE

LIQHUBEKA namhlanje eNkantolo yeMantshi yase-Randburg, eGoli, icala lo-msakazi owazakhela igama oKhozini FM, uNgizwe Mchunu, okuphikiswe isicelo sakhe sebhe-yili izolo ngoLwesithathu. 

Lo msakazi onesiteshi sakhe ku-YouTube, usolwa ngokuphehla udungunyane ngezinkulumo zakhe zokweseka uMnu Jacob Zuma, okumanje udonsa isigwebo sezinyanga eziwu-15 ngecala lokudelela inkantolo. 

UNgizwe wahlanganisa abantu mhla ka-11 kuNtulikazi (July) ebakhuthaza ukuba kwesekwe uMnu Zuma, kufakwe ingcindezi yokuba adedelwe ejele laseMtshezi (Estcourt), lapho aboshwe khona. 

Waze wathi banika uMengameli Ramaphosa izinsuku ezintathu mayelana nokukhululwa kukaMnu Zuma. Lishone elayizolo umbuso ushaya phansi ngonyawo, uphikisa ukunikwa kukaNgizwe ibheyili, ubeka isizathu sokuthi angawubalekela kalula umthetho. 

Namhlanje kusazoqhubeka ingxoxo-mpikiswano phakathi kwabameli bakhe nabombuso, asebezibekile ezabo izizathu zokuchitha isicelo sebheyili. 

Inkantolo ithi ukubaleka kwa-khe eGauteng ngendiza eyisipe-sheli elibangise eThekwini ngoba esezwe ukuthi ufunwa ngamapho-yisa (eGauteng) ngesikhathi “eyo-kwethulela isizwe” inkulumo yakhe KwaMai-Mai, eGoli, kwenza ukuba uhulumeni ubone kulula nokubaleka kwakhe kuleli zwe, ajubalale. 

Phakathi kwezinye zezinto ezi-velile wukuthi uNgizwe une-passport ezophelelwa yisikhathi ngo-2027. 

Izolo enkantolo kudlalwe izithombemnyakazo (video) eza-ziqoshwa nguNgizwe ngesikhathi ekhankasela ukuthi kudedelwe uMnu Zuma, okuyilapho ayezwa-kala ngetemu lakhe elithi ‘Azikhale’. 

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKuyaqhubeka ukulalelwa kwelikaNgizwe
Next articleKukhishwa uNyazi endlini yaseBuhleni