BHEKI NDLOVANA
ASEQALILE ukufungiswa amalungu amasha ePhalamende eCape Town, emcimbini oseCape Town International Convention Centre (CTICC) njengoba isakhiwo sePhalamende sisalungiswa emuva kokushsiwa kwaso ngoMasingana (January) wezi-2022. Kuqale kwabizwa amalungu e-ANC okubalwa kuwo nomengameli wawo, uMnu Cyril Ramaphosa, yisekela lakhe uMnu Paul Mashatile, nosihlalo wayo uMnu Gwede Mantashe.
AMALUNGU e-IFP abefungiswa esiShayamthetho saKwaZulu-Natal. ISITHOMBE NGU: LUCKY CAIN
Uhlelo luqale ngehora leshumi ekuseni njengoba bekuvele kuhleliwe. Selokhu luqalile uhlelo asikho isiphithiphithi. Okuqaphelekile nokho wukuthi ngesikhathi uhlelo luqala, amalungu e-EFF abengekho ngaphakathi, kodwa aze angena uhlelo seluphakathi. Ngesikhathi kubizwa igama likaMnu Julius Malema ongumholi wayo – ukuba ayofunga – akavelanga njengoba ubengakangeni nethimba lakhe.
AMALUNGU eMKP abefungiswa esiShayamthetho saKwaZulu-Natal njengoba nakhona uqhubeka umsebenzi wokufungiswa kwamalungu. ISITHOMBE NGU: LUCKY CAIN
Umhlangano uphethwe yiNhloko yabeHluleli, uMnu Raymond Zondo.
Izihlalo ebezibekelwe amalungu oMkhonto weSizwe Party (MK Party) bezingenamuntu njengoba amalungu aleli qembu engalubhadanga kulo mhlangano njengoba iqembu lalivele lishilo.