KUZOCACISA i-bog ngokuholelwa kwabadlali be-psl ngamakilabhu

515

SENZO SOKHELA noMFANAFUTHI NDLOVU

SEKULINDELEKE isinqumo seBoard of Governors (BoG) yePremier Soccer League (PSL) ukucacisa ngamaholo abadlali abagijima kwi-Absa Premiership neGladAfrica Championship  njengoba imidlalo yalezi zigaba isamisiwe ngenxa yobhubhane lwe-Covid-19. 

Nakuba lo mhlangano ungeke uhlale bukhoma kodwa uzokuba khona ngoLwesine oluzayo. Kuzosetshenziswa uhlobo lwesimanje lobuchwepheshe obubizwa nge-zoom conferencing

Lezi zindaba ziqinisekiswe nguMato ‘Mkabayi’ Madlala oyibamba lesikhulu esiphezulu kwiPSL aphinde abe ngumnikazi weLamontville Golden Arrows. 

UMadlala uthe isizathu sokuhlangana ngalolu hlobo wukugwema ukuhlangana emhlanganweni ojwayelekile ozokuba nabantu abaningi. Uthe inhloso wukuqhamuka nesixazululo odabeni lwabadlali. 

Kwenzeka lokhu nje, umnikazi weMaritzburg United uFarook “Ntshebe” Kadodia (osesithombeni) uthi uzozama ngawo wonke amandla ukuvikela imiholo yaba-dlali bale kilabhu.

Isimo sibi emhlabeni njengoba kuhlasele i-coronavirus eseyishiye inqwaba yabantu befile.

Ukugadla kwaleli gciwane ku-shaye kwezwela njengoba ezemidlalo sekunamasonto zimisiwe emhlabeni jikelele.

Ukumiswa kwezemidlalo se-kwenze amakilabhu amaningi ikakhulukazi awase-Europe ancenga abadlali bawo ukuba behlise imiholo.

Nakuleli akhona amakilabhu asephumele obala ukuthi azoyehlisa imiholo yabadlali bawo ngenxa yokushayeka.

Amakilabhu athintekayo kungabalwa AmaZulu FC, yiCape Town City, yiCape Umoya United ukubala ambalwa.

UKadodia ekhuluma naleli phephandaba, uthi uzokwenza ngakho konke okusemandleni ukuvikela imiholo yabadlali neye-zisebenzi zeMaritzburg.

“Sonke sishayekile, inzuzo ebesiyenza emabhizinisini ethu yehlile kodwa kubalulekile ukuthi umuntu asiqonde isimo.

“Ngikholwa wukuthi iBOG iyona esizosinika umhlahlandlela kuyona yonke le nto,” kusho uKadodia.

Previous articleUtshwala bubhuqe umndeni
Next articleusethembe idlozi obeyisilomo se-bucs