Kuzocathuliswa amaciko ngokuzithuthukisa

187

LUCKY CAIN

KUZOKLEZISWA amaciko ngokuzithuthukisa nokuqonda ibhizinisi lomculo kwiKwaZulu-Natal Creative Arts and Music Masterclass, ezoqala ngo-10h00 ekuseni e-Olive Convention Centre, eThekwini kusasa ngoLwesine. Lo mcimbi ohlelwa yiMagic Media Group kaLinda Sibiya wodumo oKhozini FM, uhlose ukuhlomisa amaciko ngolwazi ezihlokweni ezahlukene ukuze angagcini emculweni kuphela, kodwa abhekene nezindlela angazithuthukisa ngawo kwezamabhizinisi kulo mkhakha.

Phakathi kwezihloko ezizodingidwa, kubalwa ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana, wukuzithuthukisa amagama amaciko abe ngamabhizinisi, ezomthetho kwezibuciko, wukuphatha nokusebenzisa imali, wukuqonda ezamabhizinisi nemigomo yakhona, wukuqonda indlela yokusebenzisa ubuciko ukuzithuthukisa nokuhluza isimo somqondo ukuze ukwazi ukumelana nezingqinamba zalo mkhakha. Kubhekwe ukuthi uhanjelwe yizikhulumi eziqhamuka ezinhlakeni ezahlukene okubalwa noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnu Mntomuhle Khawula.

Abanye abazobe becobelela ngolwazi kubalwa umculi u-Ayanda Ntanzi – ongummeli ngokomsebenzi – uXolly Mncwango ongumculi nosomabhizinisi, uSkhulile Ngobese ozokhuluma ngokugcina isimo sengqondo sihluzekile kanti uJacinta Ngobese (osesithombeni) ongumsakazi weVuma FM uzobe ephethe uhlelo.

Lo mcimbi uzokwandulelwa yidili lamahhala lomculo elizoqala 18h00 liphele ngo-22h00. Kuzobe kunandisa abaculi okubalwa kubo u-Ayanda, uXolly, uPhindi P, uSindi Ntombela, uDumi Mkokstad noJumbo. Kunxuswa amaciko aphume ngobuningi ukuyothola ulwazi.

Previous articleIsethembiso sikandunankulu ngomcimbi kaZanele wezindondo
Next articleKumiswe isikhulu se-IFP