Kuthiwa abawu-62 kwabafile kakusabonakali ukuthi bangobani
LUCKY CAIN
INGASE ithwale kanzima imindeni ukuhlonza izidumbu zamalungu ayo abhubhe esigamekweni sokusha kwebhilidi elisenkabeni yedolobha iGoli entathakusa ngoLwesine njengoba kubikwa ukuthi eziwu-62, zishe zangqongqa, kunzima nokuthi zibonakale. Kule nhlekelele kufe abantu abawu-76 okubalwa kubona nezingane eziwu-12. Lesi sigameko sishaqise abaningi njengoba kunemibiko ethi leli bhilidi belingekho esimeni esilungele ukuhlala abantu. UMnu Thembalethu Mpahlaza oyi-forensic pathologist, uthe kuzodingeka ukuba kwenziwe ulibofuzo kulezo zidumbu ezingasakwazi ukubonakala kahle. Uthe ibisaphenywa imbangela yalesi sigameko njengoba kumele kucace ukuthi kabekho yini abaqale babulawa ngaphambi kokuba bashe. UMpahlaza ukhale ngokucima kukagesi ngenhloso yokuwonga njengento eyenza uhlelo lokuhlonzwa kwezidumbu luphazamiseke.
NgoLwesine kusihlwa, uMengameli Cyril Ramaphosa uhambele indawo yesigameko. Enkulumweni yakhe ukhale ngokuthathwa ngenkani kwamabhilidi asemadala okudlangile enkabeni yeGoli, njengoba eveze ukuthi lokhu kungaqhubeka nokudala ezinye izinhlekelele. Uqhube ngokuthi kubalulekile ukuthi uhulumeni uthole umnyombo womsuka walo mlilo ukuze uma kukhona inhlese yokwephulwa komthetho, kuthathwe izinyathelo ezifanele. Uveze nokuthi inkinga ngala mabhilidi amadala wukuthi agcina esewela ezandleni zezigilamkhuba ezigcina ziqola abantu abamsulwa ngokubahlalisa, zibakhokhise. Unxuse amaphoyisa ukuba alwe nalobu bugebengu obubhokile enkabeni yaleli dolobha.
Imenenja yaleli dolobha, uMnu Floyb Brink, ikuqinisekisile ukuthi leli bhilidi ngelika masipala njengoba phambilini lalisetshenziswa wuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi. Kusukela kwenzekele lenhlekelele, iningi lezikhulu okubalwa nosopolitiki nezinhlangano ezizimele ezingenzi nzuzo, sezihambele endaweni yesigameko ngenhloso yokusiza izisulu ezithintekile, nalezo ezilimele njengoba bengaphezulu kuka-50 abangeniswe ezibhedlela ukuthola usizo lokwelashwa.
*Bheka nasekhasini 14