Kuzoguga iteku emcimbini i-Sneaker Affair

110

 

 

 

LUCKY CAIN

KUZOSHUNQA uthuli kuguge iteku emcimbini okhuza ibuya okwesibili kulo nyaka obizwa ngeSneaker Affair eMojo’s Carwash and Shisanyama eChesterville ngoMgqibelo.

Lo mcimbi okulindeleke ukuthi udonse izinkumbi zabathandi benjabulo kulindeleke ukuthi uqale ngehora lokuqala emini bebade kanti kuboshelwe kuwona abaculi noDJ abangaconsi phansi. Phakathi kwalabo okulindeleke ukuba bashiyelana inkundla kubalwa uKabza De Small, DJ Tira, Young Stunna, Goldmax ne2Faced, Answer, N.A.G, Sonic, Tokzin nabanye.
Uhlelo luzobe luphethwe ngezandla ezifudumele nguPolo B ongomunye wabaphathi bohlelo abangaconsi phansi kwezobumnandi. UZanele Khumalo oyimenenja yale ndawo esizakhele igama ngokudla okuhamba phambili nangobumnandi uthembisa izinga elingaphezulu kwelangonyaka owedlule.

Unxuse abantu ukuba basheshe bawathenge amathikithiki njengoba eqhubeka nokuthengiswa ubuthaphuthaphu. Uveze ukuthi banazo nezipesheli zamatafula kwabazimisele ukuhlala endaweni yezicukuthwane nezidlo neziphuzo ezihambisana namanani ahlukene.

Uthe amathikithi ajwayekekile azobe etholakala ngoR250 esangweni. Kulo mcimbi kunxuswa abazobe bewuhambele bagqoke amateku ukuze bakwazi ukujabula bajuxuze ngendlela abayithandayo ngokukhululeka. IMojo’s ibalwa nezinye zezindawo ezihamba phambili kwezobumnandi eThekwini njengoba ngaphandle kokuba yindawo yokushisa inyama kuphinde kube khona nezinye izinhlobo zokudla.

Previous articleBashiyeke befisa impinda emcimbini weJazz
Next article28 March 2024