Kuzohlahlwa indlela ngekusasa lezemfundo

910

lzincomo zizophasiswa nawuMnyango wezeMpilo

MTHOBISI SITHOLE

UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke, uNkk Angie Motshekga. ISITHOMBE: YINQOLOBANE YELANGA

KUZOHLANGANA bonke ongqongqoshe beminyango yezemfundo bezifundazwe eziwu-9 zakuleli ngenhloso yokudingida ngekusasa labafundi njengoba kuhlasele iCovid-19 okuphoqe ukuba kuvalwe thaqa ukusebenza kwezwe kwaphazamiseka nemfundo kuzwelonke.

Ngokuthola kweLANGA, ongqongqoshe nezinhloko zeminyango kulindeleke ukuba bahlangane ePretoria kuleli sonto beyokwethula iziphakamiso ngezinhlelo ababona ukuthi kumele zenziwe ukuhlenga ezemfundo kulesi simo. 

Lezi ziphakamiso zizodluliselwa ekomidini likazwelonke kubalwa naseMnyangweni wezeMpilo oho-lwa nguDkt Zweli Mkhize.

Lezi zingxoxo iminyango izenze nezinhlaka ezithintekayo kweze-mfundo okubalwa nezinyunyana zothisha. 

UNobhala weSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiya Caluza, uthi izinsuku ezisalahlekile zingabuyiseka uma isimo okubhekenwe naso silungi-seka.

“Okwamanje sinezingxoxo nomnyango ngokuthi yini ezokwenziwa ukubuyisa isikhathi esimoshekile. Kusenzima ukwenza iziphakamiso ngoba kasikazi ukuthi kuzokwenzakalani ekupheleni kwenyanga,” kusho uNkz Caluza.

UMengameli weNational Teachers Union (Natu) uMnu Allen Thompson, uthi ezingxoxweni abanazo ngezokuthi uMnyango wezeMfundo kumele uholwe phambili ngowezeMpilo kukho konke okuzokwenzeka. 

Uthi lo nyaka kusengaqhutshekwa kuwona uma umnyango wezemfundo uzokwenza imigomo ebekwe kwezempilo. 

Uthi ngokweziphakamiso zabo, esinye sazo ngesokuthi kakumele izikole zivulwe kanye kanye wonke amabanga. 

Uthi emabangeni aphansi kumele kuqale uGrade-7, kwaphakeme kube uGrade-9 no-12 ukuze kuhlolwe ngabo isimo, benze le migomo ebalulekile ngoba uma kuvula bonke abafundi kungonakala.

“Egunjini lokufundela kumele kuphungulwe isibalo sabafundi kusale ama-desk awu-20, abantwana baqhelelane ngo-1.5m, izikole kumele zihlanzwe. 

“Sifuna isikole nesikole sinikwe isibulali magciwane, bonke othisha nabafundi kumele banikwe ama-mask, ikilasi kumele lihlukaniswe kathathu, kuqashwe othi-sha abasha ngoba sinabo othisha abaneziqu kodwa abahleli ema-khaya.

“Kumele kuqashwe abantu abazolekelela othisha benze umsebenzi wezempilo, izingane zingahlangani ndawonye ngesikhathi sekhefu zibe ngaphezulu kwezi-ntathu, kuqashwe abantu abazo-hlanza ama-desk njalo emuva kwemizuzu ewu-30. 

“Kumele kwandiswe isikhathi sokufundisa ngehora elilodwa kodwa ngeke sivume kuphoqeleke othisha ukuba bafundise ngezimpelasonto,” kusho uMnu Thompson.

Uthi uma lezi zinto zingenzeki ngeke bakuvumele ukuvulwa kwezikole. 

Uveze nokuthi ngisho uhlelo lokuthuthwa kwezingane ngamabhasi sekumele lubuyekezwe, kuthuthwe uhhafu wesibalo sabafundi okusho ukuthi azosebenza kaningana futhi kuqinisekiswe nokuthi ahlanzekile.

Previous articleAbalimi ekhaleni lokusiza abakhahlanyezwe yi-covid-19
Next articleKwandile ukukokotela