THANDI ZONDI
UTHEMBISA ukuqeda ukuhamba amabanga amade kweziguli ezidinga ukufakelwa amalunga omzimba – ngaphansi kukaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo namaphethelo – ngenxa yokukhubazeka noma ukulimala uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal njengoba kwakhiwa isikhungo esisha esibhedlela saseNgwelezane, eMpangeni.
Phambilini izakhamizi zakule ndawo beziphoqeleka ukuya eThekwini naseNewcastle ukuze zakhelwe futhi zilinganise amalunga okufakelwa (prosthetics). Ngeledlule uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Nomagugu Simelane (ophakathi nendawo esithombeni) , uvakashele lapho kuzokwakhiwa khona lesi sibhedlela. Umnyango uthi lokhu kuzosiza ukusondeza izinsiza emphakathini, kwehlise nomthamo wabantu esibhedlela iWentworth esiseThekwini, okuyilapho kukhiqizwa kho-na amalunga omzimba okufakelwa.
Uthe ngaphezu kwalokho, kuzokongeka isikhathi seziguli kanjalo nemali. Uma lesi sikhungo sesiqeda ukwakhiwa ezinyangeni eziwu-24 ezizayo, umnyango uthi ngeke sisize kuphela abantu abasebenzisa isibhedlela saseNgwelezane nabaseKing Cetshwayo, kodwa usizo luzokapakela nakwezinye izifunda njengaseMkhanyakude naseZululand. “Inhloso yokwakha lesi sikhungo wukusondeza izinsiza emiphakathini, zingabi seThekwini kuphela. Kuzokwehla nesikhathi esihanjwa yiziguli ukuze zithole usizo. Kulesi sikhungo sizozakhela thina amalunga omzimba abakhubazekile,” kusho uNkz Simelane.
Kuvulwe nesikhungo esaziwa ngeNakekela, esingaphakathi kwesibhedlela iNgwelezane, okuyisikhungo sokulindisa iziguli okwesikhashana. Sibhekelela iziguli ezivela eZululand naseMkhanyakude, ezisuke ziye eNgwelezane noma zidlula ziya esibhedlela iVictoria Mxenge, eThekwini noma eNkosi Albert Luthuli – khona belu eThekwini. “Siwumnyango sithe masakhe indawo okuhlalekayo kuyona futhi ekwenza uzizwe unethezekile, sabe sesilungisa lesi sikhungo. Phambilini bekuhlala abesilisa nabesifazane ndawonye, manje sekuhlalwa ngokwehlukana,” esho.