Kuzohlomula nomphakathi kowe-gospel owandulela iPhasika

280

NONHLAKANIPHO SHINGA

KUZOHLOMULA nomphakathi ngomcimbi womculo we-gospel waminyaka yonke – owandulela iPhasika –  iPre-Easter Gospel Music Festival, njengoba umhleli wawo, uThulani “Ga” Ndlela, ethi enye imali okuzongenwa ngayo kuzokwakhiwa ngayo imitapo yolwazi. Le ndumezulu izoba se-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini mhla ka-23 kuNdasa (March). “Le festivali ngeyokulungiselela imimoya, sikhulekele nokuphepha emigwaqweni njengoba sazi ukuthi ngalesi sikhathi kujwayele ukubikwa
kwezingozi eziningi. Njengoba noMengameli Cyril Ramaphosa eselumezele usuku lokhetho lukazwelonke, sizokhulekela ukuthula nokuthi ukhetho luhambe kahle,” kusho yena. 

“Enye imali yokungena emcimbini, izosetshenziswa ukwakha imitapo yolwazi (libraries) engomahamba nendlwana, esizobe sesiyihambisa ezindaweni lapho ingekho khona nhlobo. Uthe okwehlukile ngomcimbi walo nyaka, wukuthi bakhethe ukusebenzisana ne-ICC nokuthi kube namalungu omphakathi
ahlomulayo ngawo.

KWABANGENHLA, kusukela kwesokunxele nguCanaan Nyathi, nguKhaya Mthethwa noJumbo PHAKATHI: Nguncebakazi Msomi noGa Ndlela. NGEZANSI: NguSindi Ntombela noNtokozo Ngongoma.

UGa – naye ozobe enandisa kulo mcimbi njengoba engumculi – uthe uzogadla ngohlu
lwabaculi abanohlonzo kulo nyaka.

Phakathi kwabaculi athi bazobe beboshelwe, uCanaan Nyathi, uNtokozo Ngongoma, uSindi Ntombela, uPutuma Tiso, uKhaya Mthethwa, u-Ochemore Six, uJumbo, uLungelo Hlongwane, uMpumi Ntshweni, uLusanda Beja, uXoli Mncwango, uThandeka Dube noNcebakazi Msomi. 

Ekhuluma neLANGA uJumbo, wethembise abalandeli bakhe ukuthi konke lokhu abamazela khona, bazokuthola kunjengoba kunjalo.

Amathikithi aseyatholakala eTicket Pro,  aqala ku-R150. 

www.ilanganews.co.za

Previous articleUkhulume wahlengezela izinyembezi owashayelwa ukushela intombi kathisha
Next article“Lishiywa” ngamalungu igatsha lebandla elisolwa ngesandla sensimbi