Kuzokhunjulwa owe-Afrosoul igubha ewu-20

428

LUCKY CAIN
UFIKELWA wumunyu nenjabulo uma ecabanga ngohambo lwakhe kwi-Afrosoul, uThandeka Zulu, ofike kuleli qembu engumdansi njengoba esengomunye wabaculi abaphambili kulona. Leli qembu ligubha iminyaka ewu-20 lasungulwa. UThandeka usebe kulona iminyaka ewu-13, njengoba esengomunye wabaphathi balo noSabelo Ngema. Leli qembu eminyakeni emibili eyedlule lilahlekelwe ngomunye wabasunguli balo, uSergeant Malishe, okwashaqisa abaningi. UThandeka ekhuluma neLANGA Lempelasonto uthe, konke asekwenzile kulo mkhakha okumbeke kwibalazwe kuqale nge-Afrosoul. Ungomunye wabalingisi abavule indlela emdlalweni Uzalo, uqale ukuzakhela igama elingisa kwifilimu yamahlaya kaPastor Mjosty, iKwaito Church Service.


Waphinde wadlala phambili nakwifilimu iMaskandi Queen, eke yakhonjiswa kuMzansi Magic. “Uma ngicabanga ngohambo lwami ne-Afrosoul, ngifikelwa wumunyu nenjabulo ngoba sidlule ezintweni eziningi siyiqembu. Nakuba kukhona okubi nokubuhlungu esidlule kukona, kodwa kukhona okuhle esikwazile ukukuzuza kule minyaka siyiqembu, sizimele,” kusho uThandeka. Phakathi kokubuhlungu athi badlule kubona, ubale nokulahlekelwa yilungu labo uMalishe. “Yinto esasingakaze siyicabange eyokulahlekelwa yilungu lethu njengoba sasinephupho lokuthi ngelinye ilanga sizothola indondo ye-Grammy sisobathathu. Lelo phupho lisekhona futhi siyazi ukuthi uMalishe unathi lapho ekhona,” esho.


Uzwakale emamatheka uma echaza ngabakuzuzile kule minyaka njengoba ebalula izindondo zeMetro FM Awards, nezeSatma Awards abazihlomulile. “Ngaphandle kwalezi zindondo esizihlomulile, sikwazile nokusungula isikole sethu, Ikabawo Academy, osekuqalile ukuthela izivuno ukuba khona kwaso. Ngikhuluma nje, sinabaculi nabalingisi asebeqalile ukuzakhela igama kwezikaqedisizungu,” esho. Ubalule uNdoni ongumculi ophume kwi-top 10 ye-Idols SA, noChalortte Lyfe osengumculi ozimele. Echaza ngekhonsathi yomgubho waleli qembu ozoba ngomhla ka-23 kwephezulu, uthe bazobe becula izingoma zaleli qembu kusukela lasungulwa. “Kuzoba yikhonsathi esezingeni eliphezulu echaza ngomlando weqembu. Sizokwenza into yamehlo njengoba sifuna ukunikeza abantu into eyehlukile abangeke bayikhohlwe,” esho. Uthe bazophelezelwa ngabaculi abake basebenza nabo kubalwa uKhuzani, uZuluboy, Amaviyo nabaye. Uthe bazoba nesigamu lapho bezokhumbula khona uMalishe.

Previous articleImvunge ngoMiss South Africa
Next articleKukhuzwa ukuthwalwa kwezingane