THANDOLUHLE NGUBO
I-NATIONAL Prosecuting Authorities (NPA) isezinhlelweni zokulanda abasolwa ababili, abayanyaniswa necala lokulahleka kwemali epulazini likaMengameli uCyril Ramaphosa, iPhala Phala, eLimpopo, okuthiwa babhace eNamibia. Lokhu kuvezwe nguNkk Mashudu Malabi-Dzhangi okhulumela iNPA eLimpopo, ngoLwesihlanu, emuva kokuba kuhlehliswe icala elibhekene noNkz Frolina Joseph – owayengumsizi wasendlini kuleli pulazi – umfowabo uNdilinasho Joseph noMnu Imanuwela David osolwa ngokuba ngunqondonqondo ekwebiweni kwale mali eyayiwu-US$580 000.
Ukulalelwa kwecala bekulindeleke ukuba kuqhubeke eNkantolo yeMantshi yaseBela-Bela ngoLWesihlanu, kodwa kwahlehliselwa uMbasa (April) walo nyaka.
UNkk Malabi-Dzhangi uthe nakuba engeke enabe kakhulu ngalolu daba, kodwa iNPA icele imvume yokulanda laba basolwa ababili eNamibia. NgoLwesihlanu, uMnu Nkhetheni Munyai, ongumshushisi, utshele inkantolo ukuthi umbuso ucele isikhathi esithe xaxa ukuze uphothule ukuqoqa bonke ubufakazi ebudingayo kuleli cala.
Ukuhlehliswa kwaleli cala kakwehlanga kahle kubammeli babamangalelwa njengoba beveze ukuthi umbuso uyalibambezela futhi lokhu okwenzayo kufana nokunyathela amalungelo amakilayenti abo njengoba sekuphele izinyanga ezintathu
lingaqali ukuqulwa. Ummeli kaDavid, uMnu Kwena Matlala, ukhale ngokuthi leli cala limise impilo yekilayenti lakhe njengoba seligcinwe esitokisini izinyanga ezintathu.
Kuzokhumbuleka ukuthi uFrolina, uJoseph noDavid, baboshwa ngonyaka odlule mayelana nale mali eyebiwa ngo-2020. Imibiko yaveza ukuthi izigebengu zaqale zagqekeza epulazini okungelona, ngaphambi kokwedlulela ePhala Phala ngosuku olulandelayo. UFroliana wadedelwa ngebheyili ka-R5 000, umfowabo wadedelwa ngeka-R10 000, kwathi u-Imanuwela wagcinwa esitokisini.
Bobathathu babhekene namacala okugqekeza nokweba, bese uDavid abe nelokukhwabanisa ngaphezulu.