kuzophazamiseka imidlalo eminingi ngokuhlehla kwama-olympics

574

MZWAMANDLA ZONDI

KUZOPHAZAMISA imidlalo eminingi ukuhlehliswa kwama-Olympic Games obekufanele abe nonyaka eJapan. 

Le midlalo ihlehliswe ngenxa yokuhlasela kobhubhane emhlabeni i-coronavirus esibulale izinkulungwane zabantu.

Abe-International Olympic Committee (IOC) bathathe isinqumo sokuhlehlisa le midlalo ibe mhla ka-23 kuNtulukazi (July) kuya kumhla ka-8 kuNcwaba (August) ngonyaka ozayo khona eJapan. Le midlalo ihlehla nje, kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka ozayo kuzokuba nemidlalo ye-World Athletics (WA) Champion-ships ezokuba ngoNcwaba (August) e-United States of America (USA). 

Ngaphandle kwale midlalo kuzokuba nemidlalo yamaCommonwealth Youth Games Championships ngawo unyaka ozayo eBelfast, e-United Kingdom (UK) kanti ngo-2022 kuzokuba namaCommonwealth Games azokuba se-England.  

ILANGA lithole ukuthi abe-IOC baxoxa nabeWA ukuze imidlalo yama-Olympic Games neyaCha-mpionships ingashayisani. Ngaphandle kwale midlalo kuneminye imidlalo emikhulukazi emhlabeni yeWA Diamond League edlalwa emadolobheni amakhulu awu-14 emhlabeni. 

UMengameli we-Athletics South Africa (ASA) u-Aleck Skhosana uthe ukujabulele ukuhlehliswa kwemidlalo yama-Olympic Games njengoba umhlaba wonke usabhekene nobhubha-ne i-coronavirus

Uthi ukuhlehliswa kwale midlalo kuzonika abasubathi ithuba elanele lokuba baziqeqeshe. Uthi kuzokuba nzima kwazise ngonyaka ozayo kuzokube kunemidlalo yamaWorld Championships.

Ukuhlehliswa kwama-Olympic Games abasubathi abaningi bakuthokozele njengoba bezothola ithuba elanele lokuziqeqesha. 

Omunye wabasubathi osanda kuphumela obala ngokuthi ukuhlehliswa kwale midlalo kuzomsiza ngokuba athole isikhathi esanele sokuziqeqesha nguWayde van Niekerk ophethe irekhodi lo mhlaba le-400m alenze kuma-Olympic Games ango-2016 eBrazil. 

USkhosana uphethe ngokuthi yize abe-IOC bekhiphe izinsuku ezintsha zama-Olympic Games kodwa unovalo kwazise alikatho-lakali ikhambi lokulwa ne-coronavirus okubhekwe ukuba ishiye umnotho womhlaba uguqe nga-madolo. 

I-ASA kulindeleke ukuba ikhiphe isinqumo sokuhlehliswa kwemidlayo yayo ngenyanga ezayo kulandela ukumiswa kwayo yonke into kuleli ngenxa yo-coronavirus.

Previous articleakakafuni ukubuyela kubo owakuleli ose-spain
Next articleAkasayizwa iSuperSport ovuthayo kwiSwallows