NONHLAKANIPHO SHINGA
SIQHUBEKILE nayizolo ngo-Lwesithathu isililo ngokudlula emhlabeni komfundi wezindaba kwiMetro FM, uPearl Shongwe (35), otholakale ngoLwesibili ekuseni esethule. Osaziwayo abaningi baseNingizimu Afrika bakhalisane nomndeni wakhe, bathi nomkhakha wezokungcebeleka kuleli ulahlekelwe yile ntokazi ebeyibuye yethule uhlelo lwengxoxo kwaSABC 1, iDaily Thetha. Umndeni kaPearl oshonele emzini wakhe osePolo Fields eGoli usucele ukunikwa ithuba ukuze ubhekane nalesi simo. Esitatimendeni esikhishwe yiSABC, iBusiness Manager yeMetro FM, uKina Nhlengethwa, ikuqinisekisile ukudlula kukazakwabo emhlabeni, yathi umndeni uthe ushone elele.
Amaphoyisa aseGauteng aveze ukuthi kusazophenywa ngembangela yokushona kwalo msakazi ozakhele igama eqala ukusebenza esiteshini iYHF ngo-2010, esebenza noDJ Mo Flava iminyaka emibili. Ngaphandle kokusebenza kwiDaily Thetha, useke wasebenza kwi-SportsLive, iMorning Live ne-One Day Leader. U-Anele Mdoda noBonang Matheba ngabanye bosaziwayo abadlulise amazwi enduduzo emndenini kaPearl. “Ngizwelana kakhulu nomndeni wale ntokazi ebeyinethalente eliyisimanga,” kusho uBonang Matheba. Umculi, uLady Zamar, uthe uzomkhumbula ngokuba nothando nenhliziyo enhle uPearl. “Ubengomunye wabantu abanobubele nokuzithoba kulo mkhakha wezikaqedisizungu, sengathi angaphumula ngokuthula,” kusho yena.