Abafundi bavuka indlobane, baphihliza amawindi esikole bekhala ngothisha onesandla esiqinile
MTHOBISI SITHOLE
BAZOBUYELA esikoleni bephelezelwa ngabazali abafundi baseVelangezwi Secondary School, KwaMaphumulo njengoba besekuphele isonto isikole sivaliwe. Ngokuthola kweLANGA bazoqala namhlanje ngoMsombuluko abanye babuye ngoLwesine njengoba behlukaniswe ngokwamabanga. Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wezinhlaka zomphakathi njengoba kuthiwa kuzosayinwa kabusha imigomo eyamukelekile yokuziphatha kwabafundi esikoleni, ezosayinwa umzali nomfundi.
Kuthiwa akekho umfundi ozovunyelwa ukungena esikoleni ngaphandle komzali, kuzoqinisekiswa nokuthi umfundi ufika nomzali owabhaliswa phansi ngesikhathi kwemukelwa umfundi okokuqala ngqa esikoleni. Mhla ka-25 ngenyanga eyedlule abafundi bahlasele isikole ngamatshe, baphihliza amawindi okusolwa ukuthi babekade bezama ukushaya omunye wothisha abamsola ngokuthi unesandla esiqinile esikoleni. Lokhu kuholele ekutheni kumiswe ukufunda. Umthombo waleli phephandaba, uthi ichithiwe eyokuxoshwa kwabafundi abasolwa ngodlame esikoleni njengoba induna yesigodi saseMaqadini uMnu Mhlengani Mkhize wayekade etshele ILANGA ukuthi kumele ijazi ligcwale umoya kubafundi abaphazamisa ukufunda nokufundisa.
Kuthiwa ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, othisha baphume kukubi abafundi bephihliza isakhiwo. “Izingane zithi bezifuna omunye wothisha osolwa ngokuthi nguyena oqinisa umthetho esikoleni. Selokhu kufike lo thisha wesilisa, sekuphenduke kwaba nguyena uthishanhloko. Uqinisa umthetho uma abantwana beganga,” kusho umthombo. Kuthiwa imoto yalo thisha ilinyaziwe kanti ezabanye othisha azizange zithintwe. Kunemibiko ethi okunye okwenze abafundi bavuke indlobane, wukuthi baphucwa izigqoko zabo. Imizamo yokuthola uSihlalo wesigungu sesikole uMnu Ntokozo Shangase ayiphumelelanga kanti elinye lamalungu esigungu esikole uMnu Bhuzenge Hlongwa lithi ukugqokwa kwezigqoko bekwenzeka ngaphambilini, bakuvala beyisigungu sesikole.
Ngaphambilini induna yesigodi ithe ukudlebeleka kwabafundi ku-qale ngokuthi kumukelwe abafundi basesigodini sakwaMlwandle naseMakhabeleni. Itshele leli phephandaba ukuthi laba bafundi basuka ezikoleni ezavalwa ngenxa yalezi zimo. “Izingane ezisuse impi ziyaziwa, bezifunda ezikoleni zangasemakubo ezavalwa ngenxa yobudlova bazo. Ngeke ngivume sifelwe isikole sethu ngenxa yezingane ezamosha ezikoleni zazo zaze zavalwa uhulumeni. “Le nto eyenzekile ngangibatshelile othisha, ngababuza ukuthi bazivumela kanjani lezi zingane zifunde endaweni yami,” kusho UMnu Mkhize. OKhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Kwazi Mthethwa uthi bajabule ngokuthi umphakathi ukwazile ukuxazulula udaba lodlame. “Okubalulekile wukuthi abantwana bathole imfundo, makuhla-lwe phansi kubonisanwe uma kukhona ukungaboni ngaso linye,” kusho uMnu Mthethwa.
mthobisis@ilanganews.co.za