Bathi nonyaka alukho usakabhudu oluzogcwala esiteji ukuphelezela umculi onqobile
LUCKY CAIN
UYAPHELA umbuso wokutshakadula esiteji ezimpelesini ezisuke ziphelezele abaculi
abayoqukula izindondo kwiSABC Crown Gospel Awards, njengoba sezicelwe ukuba zidedele abaculi bagqame bodwa emcimbini ozoba se-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini mhla ka-24 kwephezulu.
Lokhu kuvezwe nguMengameli weWorld Gospel Powehouse, uZanele Mbokazi-Nkambule
ngoLwesibili ngesikhathi kwethu-lwa ngokusemthethweni iGospel Week, okuyisonto elandulela le ndumezulu yomcimbi.
NgeGospel Week kuba nezinhlelo ezahlukene ezihambisana nalo mcimbi wokuklomelisa abaculi be-gospel. Leli sonto lomhlahla-ndlela liqala mhla ka-17 lize liphothulwe mhla ka-24, okuwusuku lomcimbi.
UZanele uthe kulo nyaka izinga lenyukile kakhulu njengoba bezimisele ngokuqhubeka nokuhlala esicongweni uma beqhathaniswa neminye imicimbi eklomelisa abaculi be-gospel.
“Sengiyihambele yonke imicimbi yokuklomelisa abaculi be-gospel emhlabeni, kanti sengi-ngakusho kugcwale umlomo ukuthi sihamba phambili ngakho konke kusukela ekuhleleni kuya nangendlela esenza ngayo,” kusho uZanele.
Ube esenxusa labo abaphelezela abaculi uma beyokwamukela izindondo esiteji ukuba bagcine ngokubabongela ezihlalweni zabo, bangalubhadi esiteji.
“Okubuhlungu wukuthi kwesinye isikhathi laba bantu abagcwala esiteji nomculi usuke engabazi.
“Kayikho indlela esingabavimba ngayo abantu ukuba bangagcwali esiteji, kodwa siyabacela ukuba badedele abaculi kube yibona abagqamayo,” kusho yena.
Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba kulo mcimbi ukuthi kube nenqwaba yabantu abagcwala esiteji uma umculi eyolanda indondo, kanti kwesinye isikhathi baze benze okwedlulele, onqobile angabe esalithola ithuba lokubo-nga ngendlela azimisele ngayo.
Khona manjalo uZanele
uphinde waveza ukuthi bazohlonipha uMfu Mhlonishwa Langa ngemidlalo kanobhutshu-zwayo mhla ka-17 kwephezulu.
Kule midlalo kuzobe kubhekene abefundisi, abaculi be-gospel, osomahlaya nabasakazi boKhozi FM.
Uthe inhloso yokuhlonipha lo mfundisi odlule emhlabeni kulo nyaka edutshulwa, eThekwini, wukuthi ngonyaka odlule ubambe iqhaza elibalulekile ekubeni le midlalo yenzeke.
“ULanga nguyena obehla enyuka eqinisekisa ukuthi le midlalo iba yimpumelelo.
“Ngakho sibona kufanele ukuba indebe ezonqotshwa kule midlalo yebhola ibizwe ngaye,” kusho uZanele.
Phakathi kwemicimbi ezokwe-nzeka ngeGospel Week, kubalwa i-picnic, uhambo lomkhuleko, nokuhlonyiswa kwabaculi ngolwazi ngalo mkhakha.
lucky.cain@ilanganews.co.za