Kuzoqopheka umlando ngoKolisi kumaBhokobhoko

269

lthemba labakuleli lilele kuPollard ngamaphenathi

KUZOQOPHEKA
umlando ngoSiyamthanda Kolisi (osesithombeni) ongukaputeni weqembu lesizwe lakuleli, AmaBhokobhoko uma esedudulana neTonga koka Pool B kwiNdebe yoMhlaba ye-IRB nge-Sonto ngo-21h00 eMarseille, eFrance. Kulo mdlalo uKolisi uzokube ehlanganisa imidlalo ewu-50 engukaputeni waleli qembu ayelihola nangesikhathi linqoba le ndebe ngo-2019 eJapan lapho elahlula khona i-England ngo-32-12 kowamanqamu. Nonyaka lo mdlali kubhekeke ukuba aphinde ahole leli qembu livikele ngempumelelo indebe yalo okungaba ngokokuqala ukwenzeka emlandweni. Uma elakuleli lingayinqoba le ndebe, lingaphinda lizibhalisele umlando ngokuba yiqembu lokuqala ukuyiqukula ihlandla lesine.


Nakuba libukeka lisethubeni lokudlulela esigabeni esilandelayo elakuleli kodwa kuzomele lisebenze ngokuphindiwe ukugwema ukuphoxeka kwazise lidinga ukunqoba ngamaphuzu amaningana okuhlanganisa nephuzu lebhonasi. Nokho ukubuya kwesethenjwa saleli qembu uHandre Pollard, kuzokwenza ukuba yehle ingebhe kubalandeli kwazise uManie Libbok kubukeke limsinda ijezi ngenkathi elakuleli lihlulwa yi-Ireland emdlalweni odlule. UPollard uzokube edlala umdlalo wakhe wokuqala kulo mqhudelwano wanonyaka njengoba ebuya ekulimaleni okwenza wasala ngaphandle kubadlali abawu-33 abamenyezelwa ukumela elakuleli kuwona. ULibbok washweba amaphuzu alula okwenza elakuleli lakhala ngaphansi kwi-Ireland.

  • Selilonke iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana neTonga limi kanje: u-Ox Nche, uDeon Fourie, uVincent Koch, u-Eben Etzebeth, uMarvin Orie, uSiya Kolisi (ukaputeni), uDuane Vermeulen, uJasper Wiese, uCobus Reinach, uHandre Pollard, uMakazole Mapimpi, u-Andre Esterhuizen, uCanan Moodie, uGrant Williams noWillie le Roux. Abasebhentshini nguMarco van Staden, uSteven Kitshoff, uTrevor Nyakane, uFranco Mostert, uKwagga Smith, uJaden Hendrikse, uJesse Kriel noManie Libbok.
  • Isiyonke imidlalo yeNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo engale mpelasonto ihlelwe kanje:- NAMUHLA NGOMGQIBELO Argentina vs Chille 15h00. Fiji vs Georgia 17h45. Scotland vs Romania 21h00. KUSASA NGESONTO Australia vs Portugal 17h45. South Africa vs Tonga 21h00
Previous articleTHOLA ILANGA KUSASA
Next articleWenqaba ukungcwaba isidumbu sosana ‘olwafa lusanda kuzalwa’