Kuzosina kudedelane abezinhlobo ezahlukene kokamaskandi

282

MTHOBISI SITHOLE

KUZOGIYA kudedelane amaciko ezinhlobo ezahlukene zomculo mhla ka-6 kuMbasa (April)  ePeople’s Park, eMoses Mabhida, eThekwini, kwiMother of All Maskandi Festival – enesiteki seQuantum kumculi kamaskandi ozothola amavoti amaningi – njengoba kumenywe nabaculi bombhaqanga, isicathamiya ne-gospel

Phakathi kwabaculi abamenyiwe, yiZulu Messengers (isicathamiya), uBonani Mhlongo (uMbhaqanga) noJumbo (we-gospel). 

Bakhona nabakamaskandi – abebengeyona ingxenye yomqhudelwano weQuantum – abamenyiwe, okubalwa kubona uKhuzani, iGcokama Elisha, Izingane Zoma, oSukasambe, uVumile Mngoma, uBingelela Mpanza neZintombi zikaMjaphane. 

Umgqugquzeli walo mcimbi, uMnu Eric Ngobe, uthe obekubalulekile ngesikhathi kumenywa laba baculi, wukuthi abathandi bomculo wesintu bazizwe bemukelekile Uthe uhlu lwamavoti abaculi beluvezwa okokugcina izolo ngoMgqibelo, wathi ukuvota kuzovalwa mhla ka-29 kwephezulu, kodwa umculi odle umhlanganiso, useyomenyezelwa ngosuku lomcimbi ePeople’s Park.

Amathikithi alo mcimbi aseyatholakala ezitolo zakwaSpar naseTickets Pro ngo-R100, awezicukuthwane abiza u-R1 200, kanti itafula lama-VVIP libiza u-R15 000. Thumela igama lomculi omvotelayo ku: 44893.

Uhlu lwabaculi ngokukeliswa kwamavoti akuleli sonto, lumi kanje:

1. Gatsheni – 108589

2. Solwazi – 38526

3. Tornado – 21297

4. Zinjaziyamluma – 20653

5. Amawele kaMaMtshawe – 18294

6. Amageza Amahle – 13362

7. Imfezemnyama – 10742

8. Somatekisi – 9528

9. Amavikelambuso – 9262

10. Menzi – 8349

11. Buhubhe – 7544

12. Thubhobho – 7241

13. Dumakahle – 5922

14. Thandazani – 4703

15. Qalindaba – 4875

16. Insingizemnyama –  4218

17. Ezechalaha – 4141

18. EzikaMajotha – 4044

19. Mafakhiza – 4023

20. Qhosha – 4006

21. Selula – 3932

22. Smirnoff – 3899

23. Amadodana Entandane – 3725

24. Amasoka Amahle – 3717

25. Ithwasa Lekhansela – 3637

26. King Nuba – 3557

27. Inkosi Yamagcokama -3488

28. Skhala Nene – 3344

29. Skhenqe -3241

30. Bhasini Lamula -3194

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleUKhozi nohlelo oluvulelekile ukuvala esikaBeekay
Next articleUdutshulwe wabulawa ovulele umngani icala lokudlwengula