KUZOXEGISWA IMITHETHO EHAMBISANA NOKHUVETHE

464

BHEKI NDLOVANA
KULINDELEKE ukuba ezinsukwini ezimbalwa ezizayo, uMengameli Cyril Ramaphosa, amemezele ukuqedwa kwesimo senhlekelele izwe elafakwa ngaphansi kwaso ngoNdasa (March) 2020, ngemuva kokubheduka kokhuvethe. Njengamanje uhulumeni wenza amalungin selelo okugcina okuhlelela ukukhishwa kwezwe ngaphansi kwesimo senhlekelele, nokuthi izolawulwa kanjani indaba yokhuvethe emuva kokuba isihoxisiwe imithetho ebekelwe ukugwema ukubhebhetheka kwaleli gciwane.


NgoLwesibili ebusuku uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini- Zuma (osesithombeni), ushicilele kwiGazethi kahulumeni uhla lwemithethonqubo esalungiswa (draft), ezosetshe-nziswa ngemuva kokuba izwe selikhishiwe ngaphansi kwesimo senhlekelele. Kumenywe umphakathi ukuba uphawule ngayo ngaphambi kokuba ibekwe ngokusemthethweni. Isikhathi sokuphawula kwawo siphela kusasa ngoLwesihlanu.

Okucacayo wukuthi eminye yemithetho ebekelwe ukulawula ukubhebhetheka kokhuvethe, izoqhubeka isebenze nangemuva kokukhishwa kwezwe esimeni senhlekelele, kodwa eminye izoqedwa. Ngokwesitatimende sabezindaba esikhishwe wumnyango kaDkt Dlamini Zuma leyo mithetho emincane engeke iqedwe, izosebenza izinsuku eziwu-30 kusukela ngoLwesibili, emuva kwalokho iyobe misiphelelwa yisikhathi. Phakathi kwaleyo mithetho emincane okulindeleke ukuba iqhubeke nokusebenza, ngowokugqokwa kwezifonyo ezindaweni zomphakathi njengasezitolo, kwizithuthi zomphakathi, emahhovisi njalo njalo. Bese kuba yimithetho elawula isibalo sabantu emicimbini nokuqhubeka kokuholwa kwesibo-nelelo sabangasebenzi esiwo-R350.

Previous articleBABONGE ITHUBA ABAPHILA NOKUKHUBAZEKA BETHOLA IZITIFIKETI
Next articleBafuna imicimbi yeziqu emanyuvesi