NONHLAKANIPHO SHINGA
UQEDE ukuhlawumbisela uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala mayelana nokuthi iTheku lizokwazi yini ukwehlela ku-level 4 wokuvalwa kwezwe ngenxa ye-coronavirus njengoba belokhu bandile abantu abahaqwe yileli gciwane.
Uthe kusukela kusasa ngoLwesihlanu iTheku nalo lizokwehlela ku-level 4 njengokumemezela kukaMengameli Cyril Ramaphosa ngeledlule.
Kuzokhumbuleka ukuthi emuva kwesimemezelo sikaMengameli Ramaphosa ngoLwesine, uMnu Zikalala uthe akaliboni iTheku lisuka ku-level 5 ngenxa yesimo esibonakala siphuma esandleni, kwazise bekukhalwa ngokuthi kunabantu abangayilandeli imigomo ebekiwe ukuze bavikeleke ekuthelelekeni ngalesi sifo.
Ekhuluma eThekwini izolo ngoLwesithathu lapho abeyokwamukela khona ukufika komahambanendlwana abawu-10 okuzohlolelwa kubona i-coronavirus, uthe nalo iTheku selizokwehlela esigabeni esilandelayo njengoba kukhona nemikhakha ethile okumele ivulwe, isebenze.
Uqhube wathi inkampani ngayinye kumele inikezele ngezimfonyo, ama-glove nama-sanitiser. Njengoba kusasa kulindele ukuba izwe lehlele ku-level 4, ubeke nemigomo yokuvumelekile nokungavumelekile ukuba abantu bakwenze.
Nomkhandlu weLembe obunenkinga efanayo eyeTheku uzokwehliselwa ku-level 4.