INTATHELI YELANGA
KUBE nomuzwa wenjabulo ezinkundleni zokuxhumana, kwehla ixhala kubalandeli bomdlalo kamabonakude, uMkhokha, abebezitshela ukuthi uNay Maps Maphalala odlala indawo kaSphamandla “Zamcolo” Mthembu (osesithombeni), uyashiya kulo mdlalo – emuva kokuba kuvele izindaba zokuthi iRhythm World okuyinkampani ekhiqiza lo mdlalo, ikuqinisekisile ukuthi akayi ndawo. Okuqubule izinsolo zokuthi lo mlingisi – ongomunye wabahamba phambili – uyashiya kulo mdlalo, yiziqephu zakuleli sonto lapho ibandla lakhe beliye entabeni, yena wasala khona. Kanti – ngomdlalo – noyisemkhulu wahamba amasolokohlo kade entabeni, wangaphinde wabuya.
- * Bengithi kukhona okuthile ozokubika ngaye, besekuphelile ngami nalo mdlalo – kusho uPabi M.
- * Ukube ubehamba, bekuzofanele bayiqede isizini yokuqala kwazise akekho omunye umuntu ongadlala indawo yakhe – kusho uFey.
- * Yizindaba ezimnandi lezo. Kangizibukanga iziqembu ezimbili ezedlule emuva kokuthola ukuthi akabuyi entabeni – kusho uJabulani Khumalo.
- * Ngicabanga ukuthi usazilele abazali bakhe, usahlabe ikhefu. Kumele nakanjani abuye – kusho uPeaches.
- * (uMkhokha) Yiwona mdlalo osahamba phambili njengamanje kumabonakude – kusho uBrandon.
- * Hhayi impela besengizoyeka ukuwubuka lo mdlalo – kusho uMindfulness PhD.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mdlalo usudumile ngokushintshashintsha abalingisi njengoba usanda kushitsha uKwezi Ndlovu obedlala indawo kaNobuntu. Indawo yakhe ithathwe nguKwanele Mthethwa. Kanti kwekaMaphalala ebidlalwa nguLangalakhe Zwane, sekubuyiselwe igagu elinguMbuso Khoza kuyona, elaliyidlala phambili.