Kwelulwe izikhathi zokusebenza kowezasekhaya

117

PHUMLANI GAMA

NGEKE avalwe amahhovisi oMnyango wezaseKhaya kuzona zonke izingxenye zezwe iNingizimu-Afrika ngenhloso yokunikezela ngosizo kulabo abasuke bedinga izinsiza zawo. Lo mnyango umemezele ukuthi uzogxila kakhulu kubantu abadinga ukusizwa ngezinhlelo eziphathelene nomazisi ikakhulukazi labo abaqalayo ukufaka izicelo zomazisi.

Okhulumela lo mnyango kuzwelonke uMnu Siya Qoza uthe amahhovisi omnyango azovulwa ngisho nangezimpelasonto. Uthe ukwenyuswa kwezikhathi zokusebenza emahhovisi alo mnyango kwenziwa ngenhloso yokuvulela abantu abazolanda omazisi babo. Lokhu kwenzelwa ukuthi bakwazi ukubamba iqhaza okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe oluzobanjwa kuleli kuwona lo nyaka.

Ukuvulwa kwamahhovisi ngezimpelasonto kuqalwe ngoMgqibelo. Umnyango uveze ukuthi kuzovulwa zonke izinsuku kuze kube wumhlaka 25 kuNhlaba (May) kophezulu. Elakuleli lizobamba ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe ngomhlaka 29 kuNhlaba (May) kophezulu.

Isekela likangqongqoshe walo mnyango kuzwelonke uMnu Njabulo Nzuza uthe ngalolu hlelo bahlose ukukhuthaza imiphakathi ikakhulukazi intsha.
“Kumenywa izakhamizi ikakhulukazi abantu abasha abafake okokuqala izicelo zokukhandelwa omazisi ukuba basondele emahhovisi bezobheka. Nalabo abafaka izicelo okumanje sebeyitholile imiyalezo komakhalekhukhwini babo, bayanxuswa ukuba basondele emahhovisi omnyango bezolanda omazisi babo. Leli yithuba lokunikezela ngezinsiza ngezindlela ezahlukene kubantu bakuleli,” kuphetha uNzuza.

Previous articleUCele uphawule ngohlelo lokunqanda ubugebengu
Next articleUDineo uzobonakala efilimini yaphesheya kwezilwandle