
KUVULWE uhlaka olusha lwezokuvikelwa komphakathi enhlanganweni yesiKebhe okuyinhlangano eyaziwa ngokulwa namasela emfuyo emphakathini.
Lokhu kumenyezelwe ngumsunguli wesiKebhe, uMnu Sibangani Manyathi, ngoLwesihlanu, eNquthu, ethula lolu hlaka. UManyathi wethule isiKebhe National Protection Services, okuwuhlaka lonogada oluzosebenza ngokulandela imthetho kahulumeni. Uthe ngenxa yokuthi abantu bathembele kakhulu ekusebenzeni kwesiKebhe emphakathini uma belahlekelwe yimfuyo yabo, uthe makabavulele inkampani yonogada, enesandla esiqinile.
Uthi njengamanje isiKebhe sisebenzisa “indlela yesintu” ukulwa nobugebengu uma kuqondiswa isela, kodwa onogada besiKebhe abazosebenza kule nkampani, bazosebenza ngemithetho yentando yeningi nakuba sizoqiniswa isandla.
“Sifuna ukusiza abantu abafuna ukugadelwa imizi yabo, yizitolo, amabhizinisi nemicimbi. Ngiyabenyanya ubugebengu ngenhliziyo yami yonke. Kuthe uma abantu becela ukuba isike-bhe sibe nonogada, ngakubona kukuhle,” esho.
Uthe lolu hlaka lwenkampani luzosebenza izwe lonke njengoba isiKebhe sinamagatsha izwe lonke. Uthi kuzosebenza abantu abawaziyo umsebenzi wokugada, abaqeqeshiwe, abanezincwadi zokugada. Uthi kuzosetshenzwa ngokwemigomo kahulumeni.
“Unogada wesiKebhe uzoba nesandla esiqinile ngoba yiyona ndlela esisebenza ngayo uma sifuna ukuqondisa isigebengu ukuze sikhulume iqiniso. Kuzosetshenzwa ngobuqotho nokuzimisela,” esho.
Uthi akazwani nabantu abahlalisa kabi umphakathi. Utshele ILANGA ukuthi onogada besiKebhe bazohluka kakhulu konogada bakwezinye izinkampani.
“Kanginayo imali, kodwa kangilambile. Inhloso yale nkampani yohlaka lonogada, wukusiza abantu ngendlela enokuhambisana nemithetho kahulumeni, kodwa siqine isandla,” kusho uManyathi.
Uthe asevuliwe amahhovisi onogada eGoli, nakwezinye izindawo azovulwa ukuze onogada besiKebhe basabalale nezwe lonke.
“Kasixabene namaphoyisa, nonogada bakwezinye izinkampani. Thina sizosebenzela umphakathi ngendlela yethu,” esho.
UManyathi uthi kuzohlomula nentsha ngamathuba emisebenzi uma sekukhona izinkampani namabhizinisi eziqashe isiKebhe.
“IsiKebhe yinhlangano ezimele, engakhokhelwa. Selokhu sasungulwa, silekelela abantu sibabuyisele izinto zabo ezintshontshwayo. Ngakho-ke lolu hlaka olusha oluzimele eceleni, luzoqeqeshwa kakhulu ukuze intsha ithole amathuba emisebenzi.”
Ngakolunye uhlangothi, uMnu Zakhele Mncube oyisekela likamengameli wesiKebhe, uthe bekungelula ukufinyelela kwabo kulesi sigaba esisha. Uthi kuzosizakala abantu abaningi. Onogada bethulwe phambi kosihlalo bamagatsha ale nhlangano.







