Ungqongqoshe uthi balindele ukuthi lo mkhakha uxazulule izinkinga kwezemfundo ephakeme
MTHOBISI SITHOLE
WETHULE iziqu zokuqala ezintsha zobudokotela (PHD) kuleli ezizosingathwa ehhovisi likangqongqoshe weze- Mfundo ePhakeme nobuchwepheshe. UDkt Blade Nzimande wethule iziqu zeDoctorate of National Tracer Study, okuwumkhakha wocwaningo ogxile kwezemfundo ephakeme. Uthi lo mkhakha uzobheka kakhulu izinkinga ezikhona kwezemfundo ephakeme, uqhamuke nemibono nezixazululo ezizosiza imfundo ephakeme iye phambili. Uveze ukuthi lezi ziqu zemfundo, ezokuqala eNingizimu Afrika. “Okwehlukile wukuthi izingcithabuchopho ezenza lo mkhakha zizobukela eduze umkhakha wezemfundo ephakeme okuhlanganisa neziqu ezisemazingeni aphansi kuwona lo mkhakha.
“Ngenxa yokubaluleka kwalo mkhakha kwezemfundo ephakeme, ngijube ikhomishini ebizwa ngeWater Research Commission (WRC) ezosebenzisana kakhulu nomnyango wobuchwepheshe, ukuqinisekisa ukuthi lo mkhakha uyilento esiyifunayo,” kusho uDkt Nzimande. Uthi lolu cwaningo oluzokwenziwa kulezi ziqu, kufanele luthinte uhulumeni, izitshudeni, imisebenzi eziyenzayo kwezemfundo, iqhaza lomnotho wezwe nowamanye amazwe kwezemfundo. Utshele abezindaba ukuthi lo mkhakha uzothuthukisa kakhulu leli lizwe. Uthi kunezinkinga eziningi ezenzeka esigabeni semfundo ephakeme nasezikhungweni eziholela ekuxhaphazekeni kwemali yabakhokhi bentela, ezinye zalezi zinkinga zidalwa izitshudeni neziphathimandla.
Uthi balindele ukuthi izisombululo ezizokhishwa kulolu cwaningo lweziqu zobudokotela, zinciphise izinkinga ezenzeka ezikhungweni zemfundo ephakeme. “Amanye amazwe kawanazo izinkinga ezinkulu kwezemfundo ephakeme ngoba enza imikhakha ejulile emelana nezimoezikhona emazweni azo. Ngakho-ke iziqu zobudokotela zijule kakhulu – sikholelwa wukuthi ucwaningo oluzokhiqizwa luzolekelela kakhulu,” kusho uDkt Nzimande. Uthi bafuna amakhono asezingeni eliphezulu kwezocwaningo. Uthi neqhaza lodokotela kwezocwaningo liyashoda. “Ngokujwayelekile amaPostgraduates axhaswa ngendlela ehlukile yakwaNational Research Foundation (NRF), kodwa lezi ziqu sibone kukuhle ukuba sizisungulele ikhomishini ebhekene nazo ngqo, i-WRC.
“Sikhokholelwa wukuthi njengoba sisebenzise wonke amathuluzi ocwaningo ukuqhamuka nalo mkhakha omusha nemigomo eqondene nawo, lokhu kuzolekelela kakhulu elakuleli nomkhakha wezemfundo,” kusho uDkt Nzimande. Unxuse izitshudeni ukuba zande emkhakheni wezobudokotela (PHD) kwi-Engineering ikakhulukazi abesifazane. mthobisis@ilanganews.co.za