KWEXWAYISWA UMPHAKATHI NGEZIMVULA EZINAMANDLA

136

 NONHLAKANIPHO SHINGA

SISHIYE kukhalwa KwaZulu-Natal isimo sezulu njengoba kupitshizeke ikhumbi eThekwini kanti eMgungundlovu beliwisa amatshe (kwesishuthekiwe).

UKHIPHE isexwayiso uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal emuva kokuhlasela kwezimvula ezinamandla ezingxenyeni zalesi sifundazwe ngoLwesibili ebusuku nangoLwesithathu. 

Phakathi kwezindawo ezithintekile kubalwa iHarry Gwala, uThukela, uMzinyathi, Amajuba, Ilembe, iZululand, King Cetshwayo, uMgungundlovu, uMkhanyakude, Ugu neTheku. 

Lo mnyango uveze ukuthi kunabantu ababili abalimele eThekwini ngenxa yalesi simo sezulu ebesihambisana nokuduma. Balimale ngemuva kokuba isihlahla siwele phezu kwetekisi ebeyinabagibeli kuTrafford Road, ePinetown. 

Kubikwa ukuthi kunezindawo ezigcine zivaliwe eReservoir Hills nasePinetown ngenxa yazo izimvula ebesezidale izikhukhula. 

Ngokwesitatimende salo mnyango, kusalindeleke ukuthi lesi simo sezulu esibi esizobe sihambisana nezimvula, ukuduma nesichotho siqhubeke ezindaweni ezahlukene. 

“Lokhu kungenza kubekhona abantu abalimalayo kanjalo nempahla, ngakho-ke siyanxusa ukuba abantu baqikelele. Kungenzeka nokuhlasela kombani kudale umlilo kwezinye izindawo. 

“Sizoqinisekisa ukuthi umnyango wezokuphepha uzohlala uqaphile,” kusho uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka. 

Uxwayise abasezindaweni ezithintekile ukuba bagade amabhuloho agcwele amanzi, bangeqi kuwona nalabo abakhe ezindaweni ezisehlanzeni baqikelele. 

Uthe abantu bangakhoseli ezihlahleni noma ngaphansi kwezintambo zikagesi uma kunombani ngenxa yokuthi lokho kuyingozi. 

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za