SIGUDLA NOGALAKAJANA ABDUL MILAZI
IZINTO ziyamosheka njengoba kuthiwa abantu bavalelwe ezindlini ngenxa yaleli gciwane le-Corona. Amadoda ajwayele ukubalekela abafazi asephelelwe ngamaqhinga, inhlanzi ishelwe ngamanzi.
Uthi umuntu ujika ngemuva kwendlu, nangu owakwakhe esembuza ukuthi wenzani emuva kwendlu nomakhalekhukhwini.
Kukhona nalaba abathi bazenza msulwa, bacishe amafoni, ngoba nakhu besaba ukuthi kuzofona oGileyidisi noSosilina.
Umama wasekhaya asole nje ukuthi kukhona okushaya amanzi, ngoba phela umakhalekhukhwini kababa ukhala njalo, kanti manje sekudlule izinsuku ezintathu uthule.
“Baba, ifoni yakho kayikaze ikhale nje kusukela kuqale le nto okuthiwa yi-lockdown, kwenzenjani?” Ngaleso sikhathi umama wekhaya umbheke ngqo ubaba wakwakhe ezinhlamvini zamehlo. “Hhayi nkosikazi, kuphele ilahle,” esesho ufeleba eshalaza.
“Hhawu! Kawuyishaji ngani pho?” kubelesela owesimame.
Kumfome ikhala endodeni, nephunga lekhwapha lithi ukuqina, kwazise umbhemu akasawazi amanzi njengoba ehlezi ekhaya nje.
“Yeka ifoni yami phansi. Angithi nawe unayo eyakho, kanti futhi nayo kayikhali? Ungazongidina lana, sengathi kuzokhala wena,” sekusho ubafo eseqala ukucasuka.
Laba abasavunyelwe ukusebe-nza ngoba nakhu kuthiwa imisebenzi yabo ibalulekile, yibo abasakwazi ukubona omakhwapheni.
Kodwa-ke inkinga amashende ayefana, kawamameli. Wonke athanda ukufona ngezikhathi ezibucayi. Uthola umuntu efona phakathi kwamabili, azi kahle ukuthi ulele, kanti futhi kawulele wedwa.
Amasoka uwathola esenika omakhwapheni amagama okudi-disa. Ikhale ifoni umuntu ehlezi ngaphandle evalela isiceke sokugcina, njengoba utshwala bungasathengiswa nje.
Umama wasekhaya alubambe aze nalo kuwe ngaphandle. Abuze: “Manje uCovid-19 ubani?” Iphendule imambane izihlekisa: “Ungazobheda lana, angithi lelo yileli gciwane leCorona.”
“Ngempela? Usufonelwa nangamagciwane? Nalike leli gciwane likufonela, mina nansi ifoni yakho, phendula,” esho emnika ufeleba umakhalekhukhwini wakhe.
Kome amathe, kuxege amadolo endodeni. Ithathe leyo foni iyicishe.
“Oh, besengikhohliwe ukuthi uMatron ngimfake ngeCovid-19, njengoba simatasa ngayo nje. Ngizobuye ngimfonele,” sekusho umjita eqamba aluhlaza cwe.
Nakule mizi okuhlaliswene khona kahle, izinto zibuye zibhede. Kuthiwa kukhona omunye usisi owazithola esetshela umyeni ngeshende engaqondile.
Phela ukuvalelwa ndawonye kungenza nizithole seningabangani, senixoxa ngayo yonke into lena phansi komthunzi welanga.
“Hhawu baba kanti nawe usuphuza i-single malt?
Phela ne-boyfriend yami, uGalakajana, uphuza yona yodwa, akayithinti enye inhlobo yotshwala,” isho imanzi yakwabo imoyizela. “Ini yakho?”
Lapho sekubuza indoda ishaqekile. Kusuke esinamathambo.
Nokungabi bikho kukagwayi ezitolo kuxabanisa imindeni ngoba phela izimbemi zinolaka kabi uma seziqalekile.
Lapho kubhema khona ubaba nomama, izingane zenzenjani. Zithi ziya ngapha, zifusekiswe, zithi zibalekela ngapha, zidemelayiswe. Umuntu usengaze azi-thole esebhema impepho, ngoba nje efuna ukwehlisa ulaka.
Uzibone usubona amadlozi akho ngo-see.
Iningi likhala ngalaba bantu abasebenza emabhange, laba abacindezela le nkinobho yama-debit order.
Umengameli uthe kakusebenze kuphela labo imisebenzi yabo ebalulekile ezimpilweni zabantu.
Ngakho-ke amaphoyisa kumele ayobopha laba bantu, ngoba phela umsebenzi wabo kawukona lokhu abathi phecelezi essential services.
Mabenze umsebenzi wabo osayitsheni, ngoba phela sizophela, sibe singaholi.