Lebile “isela” kosaziwayo baseNingizimu Afrika

    308

    PHUMLANI GAMA

    YIZE ukufa kuyindlela yethu sonke, futhi sekuyinto evamile kule minyaka, kodwa akujwayeleki. Kuze kuchazwe ngamazwi ahlukene, lapho kukhalwa, kubatshazwa noma kuqhoshwa… “Kufa uyinuku!” “Kufa luphi udosi lwakho na!” “Ukufa kudla fumuka kudla silaza!” kuyindlela okungelula ukuyamukela. Phela umuntu nomuntu kunabantu abamthandayo, okusikayo kubo uma sebazi ukuthi ngeke baphinde bambone, kungakhathalekile ukuthi ababemzonda bona bathini. Unyaka nonyaka, kuhamba abantukazana, izikhulu ngisho nosaziwayo. U-2023 kawubanga namehluko, ngaphandle kwamagama amasha okuyiwona amenyezwe kwelamathongo. Lo nyaka – njengeminye – ushiye kukhalwa ezingxenyeni eziningi zeNingizimu Afrika. 

    *  Kunyakaze uZulu wonkana ngoMandulo (September) kukhothama uNdunankulu weSilo noZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, engumsunguli we-IFP. UShenge uhlonishwe ngomngcwabo osesigabeni sokuqala nguMengameli Cyril Ramaphosa, ngenxa yamagalelo akhe. 

    * Ngeke silibaleke isigameko sokudutshulwa, kubulawe umculi we-hip hop, uKiernan “AKA” Forbes, esenzeka eThekwini ngoNhlolanja (February). Kuze kube yimanje, ababulali bakhe kabakaboshwa.

    * Emuva kokubulawa kuka-AKA, kushone omunye umculi, uCosta Titch, ngoNdasa (March), emuva kokuquleka esesiteji. 

    * Ngawo belu uNdasa, kophe izinhliziyo zabathandi bomculo we-jazz, kuhamba uGloria Bosman

    * U-Eusebius McKaiser obengumhlaziyi wezombusazwe, ushiye izakhamizi zaseNingizimu Afrika zishaqekile emuva kokudlula emhlabeni ngoNhlaba (May), engagulanga isikhathi eside.

    Kwezikaqedisizungu

    * Ligadlile isela kwezokulingisa ngawo uNhlaba, lithatha uPatrick Ndlovu wodumo lukabab’ uMoloi kwiZone 14, kanti wake wanyakazisa inkundla edlala ekaMabuza kwiThe Queen. UNdlovu ohambe eneminyaka ewu-85, uhlatshwe wukugula.

    * NgoNtulikazi (July), kusabalale ezokudlula kukaMncedisi Shabangu wodumo lukaKhulekani Ngobese kwiRhythm City. UShabangu ubebuye abhale imidlalo yeshashalazi futhi oqondise imidlalo ngezinye izikhathi. 

    * Ngasekuqaleni kwenyanga edlule, kudlule emhlabeni uLettie Lebohang Mpyana, ozakhele igama ngokudlala indawo kaKhelina kwiDiep-City. Ushone ngemuva kokugula isikhashana.  

    * Ngokuqala kukaZibandlela (December), kushone uMxolisi Mtshali obengusonkondlo. UMtshali – wodumo lwenkondlo ethi “Zulu Love Letter” – ubengumsunguli womcimbi obizwa ngePoet In A Suit, obuvame ukwenzelwa eBlue Waters, eThekwini. Ushone emu kokugula.

    Kwezemidlalo 

    * Kuvuke umunyu obelethene nomuzwa wenjabulo yokunqoba i-Africa Cup of Nations (Afcon) kweNingizimu Afrika ngo-1996, kudlula emhlabeni uClive “The Dog” Barker owayeqeqesha isikwati sakuleli, iBafana Bafana. UBarker ushone ngoNhlangulana (June) eneminyaka ewu-78, kanti ubesephile isikhashana nesifo esibizwa ngeLewy Body Dimentia (LBD).

    * Kushaqeke abathandi bakanobhutshuzwayo ngenyanga edlule kushona umgadli wamaZulu FC, uBongi Ntuli emuva kokuhlabeka isikhashana. UNtuli udlule emhlabeni ngosuku lomgcagco wakhe noNkk Sinenjabulo Zungu-Ntuli, oyindodakazi yesikhulu soSuthu, uMnu Sandile Zungu. Kubikwe ukuthi uthathwe wumdlavuza. Uzokhunjulwa ngokuthwala uSuthu ngesizini ka-2019/2020 equlela phakathi amagoli awu-13 kwawu-20, okwenza le kilabhu igcine ilele endaweni ka-13 ngamaphuzu awu-30. Yayilandelwa yiBaroka neBlack Leopards ngamaphuzu awu-29 ngokwehlukana. Emsileni kwakubambelele iPolokwane City.

    * Kuthe kusetshiswa ekaNtuli, kwabuya ukufa ngaye uLwezi (November), kwahlithwa uPapi Khomane, owayeyisitobha se-Orlando Pirates. UKhomane udlule engozini yemoto.

    * Kugadlile ukufa nakwezamabhizinisi kukhukhusa noJabulani “Mjay” Zama ngoNcwaba (August). UMjay ubengumnikazi wendawo yobumnandi i-Eyadini Lounge, eseMlazi. Udlule emhlabeni emuva kokuhlaselwa wunhlangothi. 

    * Ezokusakaza kaziphephanga kuleli sela njengoba ngenyanga edlule bekufihlwa u-Irvin Sihlophe, obengumsakazi woKhozi FM. USihlophe waKwaMachi, eHarding, ushonele esibhedlela emuva kokuhlaselwa wunhlangothi kwaze kwaba kabili esontweni elilodwa.  

    * Ngesonto eledlule kubikwe ngokudlula kukaPat “Mainline” Hlongwane obengumakadebona kanobhutshuzwayo, owaduma kumaZulu FC. Udlule emhlabeni emuva kokugula isikhathi eside. 

    PHEZULU: NguClive Barker. Phakathi: Ngu-AKA, yiNkosi Mangosuthu Buthelezi noPapi Khomane. Ngezansi: NguMxolisi Mtshali, uJabulani Zama, uLettie Mpyana, uPatrick Ndlovu no-Irvine Sihlophe.

    Previous articleUmshushisi “uhlube udlubu ekhasini” kwelokubulawa kukanjiniyela waseTransnet
    Next articleIsililo ngokushona kukaZahara