SKHOSIPHI MTHEMBU
AKUBASIZANGA abamangalelwa abathathu ukuvika ngelungu lomndeni eselashona, bethi yilo elalishaya izingane ezimbili ezagcina zishonile ngoba kuthiwa zikhishwa amadimoni, njengoba iNkantolo eNkulu yaseMthunzini ibalahle ngamacala amabili okubulala ngoLwesine. UNkosingiphile Agatha Sithole (39), uNompumelelo Langa (29) noMakhosonke Sibisi (35) ongumfundisi webandla labasindisiwe, iFire of Victory Ministry, balahlwe ngamacala okubulala uMbali Sibisi (9) noXolelwa Langa (10) ngo-2020.
Emibikweni edlule yaleli phephandaba, kwavela ukuthi uMbali noXolelwa babeshaywa njalo ngabamangalelwa, bethi babakhipha amadimoni. UMbali washona mhla ka-24 kuNdasa (April) kanti uXolelwa washona ngemuva kwezinsuku eziwu-10 esibhedlela i-Inkosi Albert Luthuli, eThekwini. Bobabili kwabikwa ukuthi bashona ngemuva kokushaywa kanzima emakhanda, izidumbu zabo zazinemivimbo futhi zishiswe nangesitofu sikagesi. Kwavela nokuthi izingane zazigovoziswa phambi kwesitofu, “kulwiwa” nedimoni.
UNkosingiphile Agatha Sithole (39), uNompumelelo Langa (29) noMakhosonke Sibisi (35) abalahlwe yicala.
Ofakazi ababekhona kugilwa le mikhuba, baveza ukuthi izingane zazishaywa ngepayipi lamanzi.
Bobathathu abamangalelwa bebewaphika amacala. Bebebheca ilungu lomndeni eselashona, elaziwa ngoZinhle, bethi yilona idimoni elalishaya izingane. UMakhosonke watshela inkantolo ukuthi wayebizwe wumndeni wakwaLanga ukuba awukhulekele njengoba wawuhlushwa yidimoni elinguZinhle.
Kuvuke umunyu enkantolo ngesikhathi sekufundwa izincwadi ezibhalwe yizingane zakwaLanga, ezazikhona kushaywa abafi, zichaza ukuthi sinjani isimo ngemuva kokushona kwezingane zakwabo. Ngisho utolika uhlulekile wukuqedela ukutolika, kwehla izinyembezi. Kudingeke ukuba ijaji, uMnu Mbuzeni Mathenjwa, likumise ukufundwa kwezincwadi, lahlehlisa kancane icala. Ezinye izisebenzi zenkantolo ziye kutolika, zamduduza. UNompumelelo – ongunina kaXolelwa – naye wehlulekile wukuzibamba, ezwa kufundwa incwadi ebhalwe ngenye ingane yakhe, uSiyabonga, eyabona kushaywa udadewabo.
USiyabonga uthe namanje akakholwa yinto ayeyibona, unina eshaya udadewabo. “Kangikholwa ukuthi udadewe-thu usengishiye ngedwa. Zonke izinsuku uma eshaywa, ngangizitshela ukuthi uzofa. Ngiyamkhumbula udadewethu, ngikhumbula ukudlala naye,” kusho uSiyabonga ophethe ngokudweba ubuso bomuntu odangele.
Encwadini ebhalwe nguMthobisi Sibisi, ongumfowabo kaMbali, uthe uma ecabanga ngendlela udadewabo ayeshaywa ngayo, inhliziyo yakhe iyopha. “Ngangifisa ukumsiza udadewethu ezinhlungwini eyekuzo, kodwa ngingakwazi. Njalo uma ngivala amehlo, ngiyabuzwa ubuhlungu ayebuzwa. Kwakubuhlungu ukubona udadewethu ekulesiya simo. Nami ngangisaba ngoba kwakungaba yimina lona ababemshaya. Kubuhlungu uma ngicabanga indlela engiphucwe ngayo udadewethu engenze lutho. Impilo yakhe yathathwa ngabantu okumele ngabe bayamvikela. Ngiyafisa ukube umama wethu usaphila. Ukusuka kwami ekhaya kwangilimaza kakhulu ngoba umndeni kufanele uhlale useduze kwakho. Lapho ngikhona njengamanje, akekho umuntu engingathembela kuyena ngenxa yesimo. Ngiyamkhumbula udadewethu nsuku zonke. Yize sasike sixabane, kodwa wayengithanda. Kubuhlungu ukwazi ukuthi ngeke ngiphinde ngimbone. Ngiyazama ukukhohlwa, kodwa kusabuhlungu,” kusho uMthobisi encwadini.
skhom@ilanganews.co.za