Libalahlile ababulala ikhansela le-IFP

144

PHUMLANI GAMA

BAZOKWAZI ngoLwesithathu ngekusasa labo abalisa ababili abalahlwe yicala lokubulala ikhansela le-IFP, uMnu Robert Mdletshe (70), ngo-2021, eMandeni emuva kokuvuma icala eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesine. UBhekizenzo Mtshali (38) noLindelani Nsele, baboshwa nabanye ababili abangalivumanga icala, omunye wabo okulindelwe ukuba abuyele kuyona le nkantolo mhla ka-19 kwephezulu. 

Omunye wabasolwa, uMnu Thabo Mpulo, ungaphandle ngebheyili nosomatekisi okusolwa ukuthi nguyena owakha itulo
lokubulala uMdletshe.

Umufi wadutshulwa ngentululwane yezinhlamvu esemotweni nendodana yakhe eyaphuthunyiswa esibhedlela, okumanje ihamba ngomlenze wokufakelwa. Wayeyikhansela le-IFP kuMasipala weTheku, futhi engusomatekisi owaziwayo. 

Ngokulandisa kwelungu lomndeni – elicele ukungadalulwa – ukungaboni ngaso linye kukamufi nabasolwa kwaqala ngo-2019,
kwaze kwaholela ekutheni avulele omunye wabo icala. Ukuvulwa kwalelo cala kwaholela ekutheni baboshwe, bavela eNkantolo yeMantshi yaseShowe, kwathi uma bededelwa, baqala ukuhlela itulo lokubulala uMdletshe. “Abasolwa batshele inkantolo ukuthi babethengwe ngo-R200  000, banikwa u-R80  000 wokwenza umsebenzi. Badalule negama lomuntu owayebathumile futhi ongusomatekisi
owaziwayo,” kusho ilungu lomndeni wezisulu.

Indodakazi kamufi, uNkz Sandile Mdletshe, itshele ILANGALempelasonto ukuthi kuyabathokozisa ukuthi leli cala selifinyelela kulesi sigaba. “Sikholwa wukuthi inkantolo izobanika isigwebo esizothumela umyalezo oqinile nakwabanye abantu okungenzeka bazithole benza amacala afana nalawa,” kusho uNkz uMdletshe. 

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleKusekude avele phambi kwabantu uDSD osededeliwe esibhedlela
Next articleSekuphume izidumbu ngombango womhlaba owathathwa kwabamhlophe