Libhekene nobunzima ibhokisa lesifazane laKwaZulu-Natal

132

MZWAMANDLA ZONDI

UBHEKENE nobunzima umdlali wesibhakela wesifazane waKwaZulu-Natal, uThema Zuma, okulindeleke ukuba avikele isicoco sakhe seSA Junior Bantamweight kuBabalwa Nonqonqoto, wase-Eastern Cape.

UThema waseDududu – ongaphansi kweLudonga Boxing Gym – uthi isimo abhekene naso sibi yize eyingqwele. 

“Isimo engibhekene naso sibi. Ngidinga uxhaso lwezinto zokugqoka uma ngilwa. Sengizame kaningi ukuthola usizo, ngahluleka. Okubuhlungu kakhulu wukuthi namatoho ayangiphika. Bengicela noma ngubani ongase angisize ukuze ngikwazi ukuzilungiselela le mpi. Uma ingafiki isimo singakashintshi, kangibona ukuthi ngizokwazi ukumelana nayo,” kusho uThema.

UZwilenkosi Magudulela weLudunga Boxing Gym, uthe uyalwazi udaba lwaleli bhokisa.

“Okubuhlungu wukuthi kakukho lapho singanqqonqqozanga khona sifuna usizo. Kakulungi. Okubuhlungu kakhulu wukuthi nguyena ovikela isicoco. Ngikhuluma nje, inkontileka yempi yakhe isifikile, sekumele ayisayine. Besicela noma ngubani ongase asisize ukuze ikhono lale ngane lingashabalali,” kusho uMagudulela.

UTHEMA Zuma okwesokunxele, wathathwa ehlubana ngenqindi noSmangele Hadebe.

Previous articleU-Amcu iyaqhubeka “nokuchiliza” iNUM emayini yabaqhinqe emgodini
Next articleTHOLA ILANGA KUSASA (26 OCTOBER 2023)