MTHOBISI SITHOLE
SIBIZWE ngenina elizenza insizwa ezingomeni zalo isilomo sikamaskandi okuthiwa sathi galo yephuka ngesikhathi sidibana nomculi we-hip hop osekugqame ukungahoshelani phakathi kwabo, kubangwa ubuciko.
USiyabonga “Big Zulu” Nene, ukhiphe isithombemnyakazo (video) ebiza uMthandeni ‚ “iGcokama Elisha” Manqele ngomuntu wesifazane, i-yellow bone, wathi lo mculi kamaskandi wabaleka wazephula emuva kokuba behlangane eMontrose naseHarrismith, ngesonto eledlule.
Kwenzeka lokhu nje, iGcokama likhiphe i-albhamu entsha ngaphansi kweqembu lalo leNdlabeyiphika enengoma enamaganyana alumelayo, okusolwa ukuthi liwabhekise kuBig Zulu otshele ILANGA ukuthi kumdumazile “ukubalekelwa” yilo mculi ekubeni emthuka emculweni. Ubize iGcokama ngomfazi okhulumela safuthi.
“Lona unomlomo omanzi kodwa ubaleke wazephula ngesikhathi sihlangana. Ngeke phela udelele umuntu maqede ubaleke uma sekuhlanganwa. Akayona le nsizwa azenza yona ezingomeni zakhe, ngifuna umuntu uma ekhuluma udoti ngegama lami noma sesihlangana, kube njalo.
“Okumele akwazi yena wukuthi kangimshayi mina umuntu wesifazane ofana naye,” kusho uBig Zulu.
IGcokama livumile ukuthi lahlangana noBig Zulu eMontrose, kodwa lithi akulona iqiniso ukuthi labaleka. Lithi bahlangana ngesikhathi esibi izulu lina kanti laliphuthuma naseGoli ngaleso sikhathi.
“Ngahlangana naye ngehlisa iwindi emotweni ngabingelela, akazange futhi athi masilwe. Wangibuza ukuthi ngimgadlelani,” kusho iGcokama.
Phambilini iGcokama litshele ILANGA ukuthi okwenza lingaboni ngasolinye noBig Zulu wukuthi usebenzisa izinto zalo ukuze angenise emabhinceni. Lithe selikhathele wukuxhashazwa nguyena.
“Empeleni usengimi emphinjeni ngoba yonke into ayenzayo udla amandla ami, uyakwazi yena esikubangayo,” kusho iGcokama. Liveze ukuthi uBig Zulu ulidla izithende kuzona zonke izinto elizenzayo.
“Ngifike emculweni lingasagqokwa kakhulu ibhulukwe iBrentwood, ngalivuselela lathandwa kakhulu yintsha. Kuthe uma selingenisile kwavumbuka yena uBig Zulu eseyinxusa lakhona kwaba sengathi nguyena manje owenze leli bhulukwe laba sematheni.
“Kuthe kumele ngiyosayina isivumelwano sokuba yinxusa lesicathulo iCarvella, kwavumbuka yena eseyinxusa. Nomculo wami ngawubiza ngoshuni wenkani, owakhe naye wawubiza ngoshuni wenkabi, ngabiza iBrentwood ngokuthi wugodo, naye wathi wugodo eMaboneng, nokunye,” kusho iGcokama.
Lithi lona seline-simcard eqanjwe ngegama lalo “Mthandeni Mobile” ngokusebenzisana noVodacom ngakho-ke uBig Zulu akasoze aqhudelana nalo ngoba akekho ezingeni lalo.