INTATHELI YELANGA
LISHAQWE ngamaphoyisa mayelana nezinsolo zokufa kwamalungu alo, ashiswe nendlu ngoMfumfu (October) eBergville, ikhansela leDA, uMnu Michael Buthelezi – elimele leli qembu kuMasipala uKhahlamba – emuva kophenyo ngokuhlaselwa komndeni walo. Kulesi sigameko kushone izingane zikaButhelezi ezimbili nenkosikazi yakhe. Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA libikile ngalolu daba, lapho kuvele khona ukuthi uButhelezi naye ubekhona ngesikhathi kuqubuka umlilo. Ngesikhathi behlaselwa, ufonele ikhansela le-IFP elingumngani wakhe ecela usizo. Leli khansela liphuthume endaweni yesigameko, kodwa langabathola abasolwa.
UMnu Francois Rodgers ohola i-DA KwaZulu-Natal, uziyele mathupha endaweni yesigameko, ngaphambi kokudlulela esibhedlela obekulaliswe kusona uButhelezi nenye yamadodana akhe okugcine kuyenele. Leli phephandaba lizame kaningi phambilini ukuxhumana noButhelezi kodwa lehluleka kwazise litshelwe ukuthi uthe akekho esimeni esihle sokukhuluma ngokumehlele.
KUNGESIKHATHI abasemakhazeni belande izidumbu zabafi emuva kokuba umndeni kaMnu Michael Buthelezi ushiswe nendlu.