Kuthiwa lithembise isisulu izinto ezimnandi ukuze singalicebi
NONHLAKANIPHO SHINGA
ZILIKHALELE iphoyisa (42) elisolwa ngokuyenga intombazanyana eneminyaka ewu-13 ubudala yaseMountain View, eVryheid, layidlwengula maqede layithembisa izinto ezimnandi. Umsolwa oyiphoyisa esiteshini samaphoyisa aseNgome, kubikwa ukuthi ugile lo mkhuba nge-Sonto, zamkhalela ngoMsombuluko kanti uvelile eNkantolo yaseLouwsburg, eNgotshe ngecala lokudlwengula. Kuthiwa leli phoyisa ligila lo mkhuba nje, belidlula eduze komuzi wakubo kwesisulu maqede lasiyenga ukuba siphumele ngaphandle, lifuna ukukhuluma naso. Ngokuthola kweLANGA umsolwa igama lakhe eligodliwe aze avume noma aphike icala udaba lwakhe luhlehliselwe isonto elizayo.
“Umsolwa ubedlula eduze komuzi wakubo kwesisulu, okuthe uma esibona wasibiza. Ube esesitshela ukuthi ngoLwesihlanu uzoya edolobheni ayosithengela izinto ezimnandi. Ube eseyipansa izinqe ingane, wayiqabula ephindelela,” kusho umthombo waleli phephandaba. Kuthiwa ithe isalwa, wayehlisa isikhindi sangaphansi wayigingqa phansi, wayidlwengula,” kusho umthombo. ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi uyise wesisulu ubefuna ukulibamba ngezandla leli phoyisa. Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko. “Icala liphethwe ngabophiko olubhekelele izingane ezihlukunyeziwe kanti umsolwa uzobuyela enkantolo ngesonto elizayo,” kusho uConst Ngcobo. nonhlakaniphos@ilanganews.co.za-www.ilanganews.co.za