Lichayise uKhozi iGcokama

1921

MTHOBISI SITHOLE

NguMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele.

UCHAYISE uKhozi FM umculi kamasikandi okuthiwa ubhuntshise izinhlelo ezinkulu obekuhloswe ngazo ukuba zibe yigugu kubalaleli besiteshi njengoba lo msakazo ugubha iminyaka ewu-60 wasungulwa. 

Ngokuthola kweLANGA, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, waseHluhluwe, ushaye ungqimphothwe kade esevumile ukuqopha ingoma kamaskandi emhlanganisa nembangi yakhe, uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose nengqwele endala, uBheki “Hhash’ Elimhlophe” Ngcobo ebizobe ihambisana nomgubho walesi sikhondlakhondla somsakazo. 

Kubikwa ukuthi izikhulu zomsakazo zixoxile nalo mculi zimcela, kwavunyelwana. Kwenzeka lokhu nje, kuthiwa isiteshi siqoke abaculi abahlukene ngokwemikhakha yabo kuqoshwa i-albhamu edidiyele. 

Umthombo weLANGA uthi izinto zijike ngomzuzu wokugcina kwalindwa iGcokama ngosuku lokuqopha ingoma, langafika estudiyo kwaze kwayekwa. 

ILANGA lihabule ukuthi lo mculi esekhuluma nabanye, uthe kungcono angaqopha ingoma yakhe eceleni ayinikeze isiteshi hhayi ukuthi ahlangane engomeni eyodwa noKhuzani. 

Imizamo yokuthola iGcokama kulolu daba iphunzile njengoba ucingo lwalo belukhala lungabanjwa. UMnu Simphiwe Masondo osebenzisana neGcokama, utshele ILANGA ukuthi iGcokama lijike esithubeni ngoba bekungeke kulunge lokhu obekuhlelwa. 

“Ithimba ebelisingethe lolu daba enkampanini, libonile ukuthi ngeke kumsize ngalutho uMthandeni lokho, akumele adayise abantu bakhe (abalandeli). 

“Siyaluthanda impela uKhozi kodwa into enoKhuzani phakathi ngeke kulunge. UMthandeni unezinto eziningi kabi azenzayo hhayi lezi ezizobuye zimdalele umsindo. Ukuqoshwa kwale ngoma ngeke kumsize ngalutho kodwa kuzosiza uKhozi, nalo luyazi kuxhunyanwe nalo kaningi lwachithwa,” kusho uMnu Masondo.

Imizamo yokuthola uKhuzani iphunzile kanti okhulumela iSouth African Broadcasting Corporation (SABC), uNkz Mmoni Seopelelo, uthe usemgwaqweni ngesikhathi eshayelwa, wathi makuxhunyanwe nozakwabo uNkz Vuyo Mthembu othunyelelwe imibuzo ngobhalonyazi, nokho kuze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyelile kuleli phephandaba. 

Akuqali ukuba iGcokama lihlehle entweni enoKhuzani njengoba eminyakeni emine edlule, uMnu Khulubuse Zuma abeka u-R1 million wathi laba baculi mabenze ingoma.  IGcokama lanqaba.

 Nomsunguli womncintiswano wezindondo, aMantshontsho kaMaskandi, uMnu Mlamuli Nxele, wabeka u-R140 000 ethi laba baculi mabenze ingoma eyayizoculwa ngelanga lomcimbi e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, layichitha leyo mali. iGcokama.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleInkosikazi kamfundisi yeneke amahlazo omndeni yazibulala
Next articleImpi yamazwi “ngobuNkulunkulu” boNyazi