Lifiphele ikusasa lowodumo kwiBucs

735

ISuperSport United ezinhlelweni zokuchitha uQalinge

SENZO SOKHELA

UTHABO Qalinge odume kakhulu esadlalela i-Orlando Pirates okumanje ugijima kwiSuperSport United esikaza ukumchitha. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IYACIKIZELA ikusasa lo mdlali odume kwi-Orlando Pirates njengoba kuvela ukuthi abaphathi kabeneme ngakwenzela ikilabhu. 

IPirates ikhombe indlela iThabo “Section” Qalinge (28) ekuqaleni kwesizini ithi akasekho ezinhlelweni zayo.

Imxosha nje lo mdlali ubevele engayenzeli lutho njengoba isikhathi esiningi ubesichitha elimele. 

Noma eluleme ubengayenzeli lutho kunalokho ubehlala ebhentshini. 

Empeleni ayikho isizini angathi uyidlale kahle kwi-Bucs. 

ISuperSport United imnike ithuba njengoba imsayinise inkontileka yonyaka enesivumelwano sokuyelula ngomunye unyaka. 

Nokho selokhu kuqale isizini isikimu usizwa ngendaba njengoba ewukudla kwebhentshi.

Usadlale imidlalo emibili nje kuphela nakhona usuka ebhentshini, awukho awuqalile. 

Umthombo waleli phephandaba uthe: “Ikusasa likaQalinge liyacikizela kwiSuperSport njengoba ikhala ngokuthi uhola kakhulu kodwa akakaze ayenzele lutho. 

“Uke wabizelwa emhlanganweni watshelwa ukuthi kuzofanele anyuse amasokisi kungenjalo ngeke yelulwe inkontileka yakhe. 

“Kubukeka sengathi abaphathi sebenqumile ngaye njengoba kuvela ukuthi bahlela ukumdedela uma kuphela isizini. 

“Bayabona ukuthi akukho shintsho asazoza nalo, kuvalwe ivele isimincane imidlalo esele engeke esenza lutho,” kusho lo mthombo. 

UStanley Mathews isikhulu esiphezulu kwiSupersport ebuzwa ngalolu daba uthe okwamanje ngeke akwazi ukuphawula ngalo ngoba luthinta inkontileka yomdlali wabo. 

Uthi konke kuzocaca uma sekubuye imidlalo yeligi. 

Nokho lo mdlali kuvela ukuthi akhona amakilabhu amfunayo. 

IMaritzburg United ingenye yamakilabhu amgaqele.

Previous articleI-Maritzburg idinwa ngabazingela unozinti wayo ngasese
Next articleusenkingeni owodumo kumabhokobhoko