NONHLAKANIPHO SHINGA
USOMLOMO kuMasipala uMvoti, uMnu Mfundo Masondo, uthi akasawadingi emagcekeni alo mkhandlu amakhansela awu-9, akhonjwe indlela wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal,
Kuzokhumbuleka ukuthi mhla ka 24 kuNtulikazi (July) Isigungu sokuhlunyeleliswa kwezimilo kulo masipala, saphakamisa ukuba la makhansela axoshwe emuva kokungayihambeli imihlangano yaze yaba mine. Emuva kwalokho, umkhandlu wavota waseseka leso siphakamiso noma babekhona ababesiphikisa. UMnu Masondo ube esebhalela ihhovisi likaNkk Bongi Sithole-Moloi ongungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana, njengoba wayethi yilona elinamandla okuxosha amakhansela. Kula makhansela, elilodwa lawo ngele-ABC, eholwa nguMnu Philani Mavundla oyimeya yaseMvoti kanti kukhona noMnu Gabriel Malembe owayeyimeya ngaphambi kukaMavundla kanjalo noMfu Petros Ngubane (osesithombeni) oyimeya kaMasipala wesiFunda uMzinyathi.
“La makhansela azitholile izincwadi eziwaxoshayo namhlanje, ngakho-ke kawasadingeki emagcekeni alo masipala,” kusho uMnu Masondo.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za