Ligcwale umoya kowe-IEC osabalalise uhlu lwe-ANC neMK

327

THANDOLUHLE NGUBO

I-INDEPENDENT Electoral Commissiom (IEC), iqinisekise ukuxoshwa kwesisebenzi sayo esisolwa ngokuputshuza uhlu olunamagama abangase bamele i-ANC noMkhonto Wesizwe Party (MK) ephalamende nasezishayamthetho emuva kokhetho olumhla ka-29 kuNhlaba (May) nonyaka. La magama asabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesihlanu. Ukuxoshwa kwalesi sisebenzi kuqinisekiswe yisikhulu esiphezulu se-IEC, uMnu Mawethu Mosery, esiveze ukuthi kubathokozisile ukuthola ukuthi akukho ukuganga okwenziwe ohlelweni lwabo lokugcina lwamagama eyimfihlo.

“Uphenyo saluqala ngoMgqibelo, sabathola abasolwa ababekhona, okwenze saxoxa nomunye wabo, wagcina evumile ukuthi nguye owasabalalisa uhlu. Usitshelile ukuthi akukho okubi ayekuhlosile ngalokhu, kodwa nje kwaba wukunganaki. Kuyasithokozisa-ke ukuthi lolu lwazi lwasatshalaliswa yisisebenzi se-IEC, akukho muntu owangena ohlelweni lwethu ngokungemthetho, walusabalalisa,” kusho uMosery.

Uthe uphenyo lwabo lusaqhubeka njengoba besafuna ukuthola laba abathunyelelwa uhlu ngaphambi kokuba lusabalale ezinkundleni zokuxhumana. Uveze ukuthi uhlu olunamagama azomela amaqembu beluzokwethulwa emphakathini mhla ka-26 no-27 kuNdasa (March).

Previous articleBasazoduva eSwazini abasolwa kwelokubulawa kuka-AKA ngenxa yokutotoba kweNingizimu Afrika
Next articleOwePmb Utd uthi bafakwe emphandlwini wamabhubesi beqhathwa neDowns