Lihoxisiwe “elowabulala, wagqiba” inkosikazi egcekeni

174

SKHOSIPHI MTHEMBU

LIHOXISWE ngenxa yokungathunyelwa kwedokodo eNkantolo yeMantshi yaseNsuze icala lowesilisa waseNdwedwe obesolwa ngokubulala inkosikazi yakhe, okuthiwa wayigqiba egcekeni lakwakhe, kwaze kwaphela iminyaka emibili ehleli nale mfihlo. UMnu Khethayiphi Ntombela (osesithombeni), ubesolwa ngokuthi wabulala uNkk Fikelephi Ntombela, okwakubikwe ukuthi wanyamalala eminyakeni emibili edlule. 

Amathambo kamufi aze atholakala ngoLwezi (November) nyakenye. 

ILANGA labika kabanzi ngalolu daba ngesikhathi kuvela ukuthi uNtombela ugonyuluke kwamanye amalungu omndeni wakhe ngokubulala umkakhe, maqede wamgqiba egcekeni. Kwabikwa ukuthi umndeni wamyisa emaphoyiseni, waboshwa. Leli phephandaba labika nangesikhathi uNtombela enqaba ibheyili ngesikhathi evela okokuqala kule nkantolo. 

NgoLwesine, inkantolo imdedelile emuva kokuvela izikhawu eziningi kusukela waboshwa ngaleli cala. Ngokuthola kweLANGA, idokodo bekulindeleke ukuba libuye kwinhloko yabashushisi, okuyiyona obekumele inqume mayelana nokuqala kokushushiswa kukaNtombela. Kubikwa ukuthi idokodo kalizange lisabuyela enkantolo. 

UMnu Smiso Dlomo ongumfowabo kamufi, utshele leli phephandaba ukuthi uzwe ngamahlebezi kuthiwa usibali wakhe udedeliwe. Uthe kakukho okuningi abangakusho ngoba bebengazi ngisho nanokuthi icala liqhubeka kanjani, bebelinde ukuthi liqale ukuqulwa. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuthi icala lihoxile okwesikhashana enkantolo.

Iphunzile imizamo yokuthola uhlangothi lweNational Prosecuting Authority njengoba ILANGA lithumele imibuzo kuNkk Natasha Ramkisson- Kara, wathembisa ukubuyela kulona nezizathu zokudedelwa kukaNtombela, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyelanga kulona. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleSivalwe ngeMeya yaseNewcastle isikhundla esishiywe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal
Next articleUjika neLanga uthishanhloko “wadlwengula” umfundi kaGrade 8