“Lijikijelwe” ngodilikajele abathathu iphoyisa elabulala umkalo nabasekhweni

457

INTATHELI YELANGA

LIGIXABEZWE ngodilikajele abathathu ngoLwesibili iphoyisa elabulala inkosikazi yalo nabasekhweni ababili, licasulwa wukuthi balibize ngomfana omncane. 

USizwe Cedrick Khoza (38) obesebenza esiteshini samaphoyisa eMasoyi, eMpumalanga, ugwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseMpumalanga emuva kokuvuma amacala amathathu okubulala abafi ngoMbasa (April) 2023. 

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeka eSa-nd River Trust, eMpumalanga lapho uKhoza abulala umkakhe uNkk Nomthandazo Suzan Mnisi (31), umlamu wakhe uNkz Colisile Mnisi (32) nosibali wakhe uMnu Denis Mkhatshwa (42). Ngokwamaphepha asenkantolo, kuvele ukuthi uKhoza nomkakhe babenezinkinga emshadweni wabo, wabiza umhlangano nabasekhweni ukuze bazame isixazululo. 

Ngesikhathi kuqhubeka umhlangano, ku-bikwa ukuthi uMkhatshwa wabiza uKhoza ngomfana omncane, kwamcasula lokho. Wanikela egunjini lakhe lokulala wathatha isibhamu somsebenzi, wabuyela endlini okwakuhlanganelwe kuyona wakakhulumanga okuningi wadedela inhlamvu ebhekise kubafi. 

Waboshwa ngokwenza kwakhe lokhu futhi akasichithanga isikhathi senkantolo, wawavuma amacala akhe, amlahla wonke mhla ka-3 kuNhlangulana (June).

Previous articleZizogugela ejele izinkabi ezabulala ikhansela le-IFP
Next articleUdedelwe ngebheyili osolwa ngokuzama ukubulala inkosikazi yomfowabo ngenxa yamafa