LIKHULU ISASASA NGOMDLALO WAMABHINCA

960

MTHOBISI SITHOLE

ABALINGISI bomdlalo wesintu iFocus Gal Focus odla ubhedu ezinkundleni zokuxhumana.

ISIBEKE ebalazweni indawo yangakubo oSuthu, KwaNongoma, intsha ethandwa ngabalandeli abaningi bemidlalo yamahlaya ezinkundleni zokuxhumana, eyenza umdlalo ozigcawugcawu obizwa ngeFocus Gal Focus; Ushuni woKiss, ogqamisa impilo yamabhinca. 

Kulo mdlalo okuhamba phambili kuwona uThandeka Sibiya (19) ofunda eMdumezulu High School, iziqephu eziningi ziqhakambisa impilo yasemakhaya, ikakhulukazi ubuchule bokusebenzisa amagama ukushaya intombi noma insizwa, igcine iqomile. 

Abanye abalingisi kulo mdlalo osungulwe nguMzomuhle “Muntuwasemzini” Dludlu (26); nguThandeka “Phutha” Ntuli (17) ofunda eFalaza High School noLihle “Seconded” Mbatha (17) ofunda eMdumela High School naye uDludlu. 

Ekhuluma neLANGA uDludlu, uthi okumenze waqhamuka nomqondo ofana nalona, wukuthi ubebona kushabalala izinto zasendulo, okuyizona ezakhe leli zwe ngesikhathi esedlule. Uthi ngesikhathi ewuqala lo mdlalo, wayengazitsheli ukuthi uzothakaselwa kakhulu ngalolu hlobo. 

“Ngafikelwa wumcabango wokuthi ngizame ukukhuthaza isintu sethu, ikakhulukazi entsheni engenalo ulwazi ukuthi kwakwenzekani eminyakeni edlule. Ngenhlanhla-ke, endaweni yangakithi kwezinye izingxenye kusaphilwa sona isintu. Ngihlale phansi ngabhala, ngabona lezi zingane engilingisa nazo ukuthi zingayenza le nto ngoba zisaphila isintu kakhulu, nangempela zalingisa ngokuzimisela. 

“Ngithe mangenze kwehluke, kube yintombazane ezoshela umfana ukuze nabo abafowethu bacijeke ekuphenduleni imibuzo yentombi, kanjalo nabesifazane babone ukuthi amagama asetshenziswa yinsizwa kwakubhekanwa kanjani nawo, nokuthi emandulo yayinjani ingcindezi yokweshela. 

“Lo mdlalo uyiziqephu ezimfushane ezifundisayo, ikakhulu ngempilo yesintu nokuzethemba kulokho okwenzayo,” kusho uDludlu. 

Uthi ngesikhathi ewuqala lo mdlalo, wayezokwenza isiqephu esisodwa, kodwa ngenxa yokuthakaselwa kwawo, abantu bacela ukuthi awuqhube. Utshele ILANGA ukuthi izinto zesintu uyazithanda, ukhule ehlala noninakhulu ebukhali nasezinganekwaneni.

Uthi iziqembu zalo mdlalo bazifaka isonto nesonto ezinkundleni zokuxhumana.

“Le nto siyenza ngobubhinca, siqhakambisa okwasemakhaya, yingakho sisebenzise negama elithi ushuni ngoba liyathandwa ebubhinceni. Ngiyafisa ukuthi la mantombazane engilingisa nawo akhule kulo mkha-kha ngoba anekhono kakhulu,” kusho yena. 

Uthi ukwenza ama-video ayiziqeshana uqale ngo-2013 ngethi, “Iphupho Likamama, Blood Test” nethi “Inhliziyo Iyakhohlisa” kodwa ubewadayisa ngakubo KwaNongoma. Ngo-2017 ubhale iziqephu ebezidlala kwi-1kzntv ebezikhuluma ngempilo yangaphakathi ezikoleni eziphele kulo nyaka. Utshele ILANGA ukuthi izifiso zakhe ezinkulu wukuthi lo mdlalo ukhule uze ufinyelele eziteshini ezi-nkulu zikamabonakude. 

ILANGA kalikwazanga ukuxhumana nabalingisi abaphambili kulo mdlalo, kubikwe ukuthi kabanabo omakhalekhukhwini njengoba kuyizingane ezihlala noninakhulu.

Previous articleUdalula imfihlo yokunqoba izicoco uPitso
Next articleUmndeni ‘kamalugaju” usufisa ukumlothisa uswele eyokumfihla