MTHOBISI SITHOLE
APHITHENE amakhanda amalungu esitokofela eMadakaneni, eMdletsheni, eHluhluwe ngokulahleka kuka-R250 000 wesitokofela sekufanele kuthengwe ukudla ngoLwesibili. Ngokuthola kweLANGA, obephatha imali uyibambise umakhelwane, naye oyilungu lesitokofela ngoba bekuzokuba nomcimbi kwakhe, ethi wesaba ukuthi izolahleka. Kubikwa ukuthi umakhelwane ushaywe ngamalungu esitokofela waze walandwa ngamaphoyisa, engasho ukuthi ilahleke kanjani imali kwakhe.
Unobhala wesitokofela, uNkz Sanele Vilane, uthe lesi sigameko sihlukumezeke imindeni ewu-44 engamalungu esitokofela. Utshele leli phephandaba ukuthi okulahleke kuyena imali, uyilungu elidala esitokofeleni, futhi kakukaze kwenzeke lokhu selokhu saqalwa eminyakeni ewu-7 edlule.
“Ngibizwe nguyena (umakhelwane) ngoMsombuluko ebusuku, wangitshela ukuthi imali ubeyithukuse kuwodilophu, akasayiboni, kodwa usola ukuthi kukhona ongene ngewindi ngoba ufike livuliwe,” kusho uNkz Vilane.
Uthi ilungu ngalinye belikhokha u-R300 njalo ngenyanga, kanti belizothola ukudla kwemali elinganiselwa ku-R3 600 nohlelo lwenyama eceleni.
Iphunzile imizamo yokuthola umsolwa kwazise kuthiwa akasabonwa emphakathini, emuva kwalesi simo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo uthe akekho umuntu obesavule icala lokwebiwa kwemali.
mthobisis@ilanganews.co.za