Lilengela eweni ikusasa likanozinti weChiefs

420

SENZO SOKHELA

LILENGELA eweni ikusasa likaBruce Bvuma (28), ongunozinti weKaizer Chiefs, okuvela ukuthi le kilabhu ingase ingayivuseleli inkontileka yakhe ephela uma kusongwa le sizini. 

Kuvela ukuthi le kilabhu ihlela ukumchitha lo mdlali osehlale iminyaka eyifenisha kuyona. UBvuma waqala ukudlala esikimini esikhulu seChiefs ngo-2017, kant usadlale imidlalo ewu-17 nje kuphela.

Umthombo weLANGA Lempelasonto oncikene kakhulu neChiefs, uthe: “UBvuma ngomunye wabadlali abangase zingavuselelwa izinkontileka zabo. IChiefs ihlela ukukhuculula konozinti ngoba yilapho ehaqwe khona yizinkinga. Ibona ukuthi sekuyisikhathi sokuthi uBvuma aye lapho ezodlala khona ngoba useze wakhula, kodwa uyehluleka wukufaka ingcindezi konozinti abanga nabo ijezi. Bakhona onozinti iChiefs ebagaqele kodwa ngabangaphandle. Kuleli kayiboni muntu ongaba yisixazululo.”

UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs, uthe kakukho angakuphawula ngalolu daba kwazise ikilabhu isekhefini
leFifa. Uthe izindaba zeChiefs zizoqala ukukhulunywa ngesonto elizayo, ngaphandle uma kuba nento emqoka eqhamukayo. Kuzo ezeChiefs, izobhekana neMoroka Swallows koweDStv Premiership emuva kwekhefu leFifa. Lo mdlalo uzokuba ngeSonto elizayo ngo-15h00 eDobsonville Stadium, eGoli.

Isiyonke imidlalo yeligi
ezodlalwa ngempelasonto ezayo:

NGOMGQIBELO mhla ka-25 kuLwezi (November)

EMoses Mabhida Stadium: AmaZulu vs Stellenbosch 15h30.

EKing Zwelithini Stadium: Richards Bay vs Orlando Pirates 15h30.

E-DHL Cape Town Stadium: Cape Town Spurs vs Royal AM 17h45.

NGESONTO mhla ka-26 

EMbombela Stadium: TS Galaxy vs Polokwane City 15h30.

EDobsonville Stadium: Moroka Swallows vs Kaizer Chiefs 15h30.

EMpumalanga Stadium: Golden Arrows vs Cape Town City 17h45.

Previous articleUsola osondonzima bosopolitiki ekufeni kuka-AKA
Next articleUkukhathazeka ngokudlwengulwa kwabantu ematekisini