Limgojele elokubulala ashise umkakhe nemoto

236

Unele walahlwa yicala, abomndeni bamlandela umgodla azowusebenzisa ekhulukuthu Ubefike enkantolo eswenke econsa, edlubhe isudi kanokusho Ijaji lithe umshana wakhe, owafakaza amanga, kumele avulelwe icala lokudukisa inkantolo

SKHOSIPHI MTHEMBU
“ANGISOZE ngijatshuliswe wukuwa kwenye indoda, kodwa ngijabule ukuthi iqiniso selivelile ekugcineni.” Lawa ngamazwi kaMfu Thanduxolo Bada, onguyise kaNkk Khulukazi Ndlovu (38) (osesithombeni), owabulawa ngumyeni wakhe uSfiso Ndlovu (46). Ukusho lokhu ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu eThekwini, ilahle uNdlovu ngamacala amathathu, elokuthumba, ukubulala nelokucekela phansi impahla. Ngesikhathi inkantolo imlahla ngamacala, ubebukeka ekhululekile. Bekugcwele izihlobo nabangani bakhe ukuzomeseka. Njengenjwayelo, uNdlovu ubeswenke econsa, exoxa namanye amalungu omndeni. Uqede ukulahlwa ngamacala, yiJaji uMohin Moodley, labe selinqamula ibheyili yakhe njengoba ubengaphandle.


UNdlovu ulahlwe ngamacala okubulala inkosikazi yakhe nje, ubesenengoduso entsha, ayilobole ebhekene necala lokubulala. Uqede ukulahlwa yicala, umndeni wakhe wabe usumlethela isikhwama ebesinezingubo zokushintsha okushiye isithombe sokuthi ubukulindele ukuthi angase angabuyeli kwakhe. Uzogwetshwa ngoLwezi (November), uzobe elinde ngaphakathi ejele. ILANGA Lempelasonto likhulume noyise kamufi ngemuva kokulahlwa ngamacala kukaNdlovu, othe yize umkhwenyana wakwakhe elahlwe yicala, akusoze kwamjabulisa ukuwa kwakhe. Uthi okumjabulisayo wukuthi ekugcineni seliphumile iqiniso ngokuthi indodakazi yakhe yabulawa nguyena.

Previous articleKUFAKWA UMKHAKHA WOKUCWALWA KWEZINWELE EMAKOLISHI
Next articleSenikwenzile okuningi maNazaretha, sekushoda imbijana