PHUMLANI GAMA
LISAGOBHOZA igazi labanikazi bamatekisi KwaZulu-Natal emuva kokudutshulwa kubulawe uMnu Nkanyezi Ntshangase (37) (ongemuva esithombeni) nomfowabo uMnu Thamsanqa Ntshangase (33) ngoLwesihlanu ntambama eNkomeni, KwaNongoma.
UNkanyezi ubenamatekisi amathathu abebuye azishayelele elinye lawo. Ngosuku lomshophi, ubephuma erenki esedolobheni KwaNongoma.
Kubikwa ukuthi inkabi igibele erenki nabanye abagibeli. Umufi ubehamba ediliza abagibeli ezitobhini zabo okuthe sekusele abambalwa wafonela umfowabo ukuba bahlangane ngoba bekunohambo obekufanele baluthathe.
Okhulumela umndeni wabafi, uMnu Simangaliso Mbatha – obuye abe yikhansela lendawo ngaphansi kukaMasipala waKwaNongoma – uthe badutshulwe yinkabi ebisisele yodwa etekisini.
“Kuthe esefikile umfowethu omncane, bahamba ibanga elifushane emuva kwalokho owesilisa obesele wacela ukwehla. Emuva kwalokho udonse isibhamu, wadubula ebhekise kubona,” ku-sho uMbatha.
Uthi kazikho izitha zomfowabo abazaziyo. “UNkanyezi wazithengela la matekisi ngemali yokuzisebenza kusukela esemncane. Siwumndeni sishaqekile kakhulu.
“Okubuhlungu wukuthi abantu babulawa njalo lapha KwaNongoma. Ngikhuluma nje kulona leli sonto kuhlaselwe ilungu lo-mphakathi laboshwa ngezintambo zamateki maqede ababulali bathungela imoto yalo ngomlilo,” kusho uMbatha.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa avule amacala amabili okubulala, bekungakaboshwa muntu.
phumlani@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za