“Lisekubhaceni” ikhansela elasinda kubulawa uzakwabo

189

PHUMLANI GAMA

LISETHUKA izanya ikhansela le-IFP, uMnu Menzi Mkhize (47) (osesithombeni), elasinda lihlaselwa nomngani walo, uMnu Mzwandile Shandu, owashonela endaweni yesigameko, eMlazi, emasontweni amabili adlule. Umufi ubeyikhansela lakuwadi 7, kuMasipala waseMkhambathini. Engxoxweni neLANGA, uMnu Mkhize eveze ukuthi wasindiswa wukudonsa esakhe isibhamu, wasibhekisa kubabulali. 

Uthe ubenobudlelwano obuhle nomufi, bekubeke eceleni ukwehlukana ngokwamaqembu ezombusazwe. 

Uqhuba ngokuthi ngosuku abahlaselwa ngalo, yena nomufi babenohambo oluya eMgungundlovu.

“UShandu ubehlala ezindaweni ezahlukene ngoba ebalekela ababulali abebefuna ukuqeda ngempilo yakhe. 

“Mina ngasuka eMkhambathini ngizohlangana naye ngoba kunezinto okwakufanele sizilungise. 

“Kwakufanele silibangise
eMgungundlovu, kodwa sizoqala ngokuthatha okuthile eMlazi. 

“Ngezwa ukuqhuma kwesibhamu, kwathi kusenjalo, ngabona uShandu ephelelwa ngamandla eshayela. 

“Wazama ukuyiqhuba imoto esebenzisa isandla njengoba waseyedubulekile onyaweni. 

“Wazama ukuphuma nomfowabo, nami ngaphuma emotweni sengivele ngidubulekile ethangeni nasesandleni sokudla. 

“Nakuba ngasengidubulekile, kodwa ngababona ababulali, ngasindiswa wukuthi ngikhokhe esami isibhamu, ngidubule
ngibhekise ngakubona. 

“UShandu bamqedela ngoba esengaphandle. Wabulawelwa kulo muzi imoto yakhe eyaphaphalazela kuwona.

“Kumanje ngisekubhaceni, Kangikwazi kwenza lutho ngenxa yokwesaba. 

“Okungizwisa ubuhlungu wukuthi kuze kube yimanje, akukho muntu kubaphathi
bomkhandlu oseke wangihlola ngokwesimo sami, ngaphandle kwamakhansela amabili ake angifonela ebuza impilo. 

“Ngiyaludinga usizo lokuqiniselwa ezokuphepha,” kusho uMkhize.

ILANGA lixhumane noMnu Nhlakanipho Ntombela oyimeya yaseMkhambathini, oveze ukuthi udaba lukaMkhize lusezithebeni zomkhandlu. 

Uthe akulona iqiniso ukuthi akukho noyedwa wabaholi bomkhandlu oxhumana noMkhize selokhu walimala. 

“Ngigcina ukuxhumana naye (uMkhize) wangitshela ukuthi usekhaya, usalindele ukuthi alulame kahle bese ebuyela
emsebenzini. 

“Maqondana nokuqiniswa kwezokuphepha, ngeke kube yinkinga ukuba kwenziwe lokho uma kuwudaba olubikwe kahle kusomlomo. 

“Sizohlangana silubhunge udaba lwakhe,” kusho uMnu Ntombela. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthe amapho-yisa aphenya icala lokubulala namabili okuzama ukubulala kanti bekungakaboshwa muntu. 

Previous articleInkosi ilufuna emakhosini olokuphakwa kwentuthuko
Next article“Zithathwa eZimbabwe iziqhumane zokuhlakaza ama-ATM” umbiko