“Lishiywa” ngamalungu igatsha lebandla elisolwa ngesandla sensimbi

280

PHUMLANI GAMA

KUVELA ezithi ihlubukwa ngamalungu i-United Congregational Church (UCC), egatsheni iNew Forest Congregational Church eMontclair, eThekwini, ngenxa yobuholi okuthiwa busebenzisa isandla sensimbi nokuphathwa budedengu kwemali yebandla. Kuthiwa kunengxenye yabaholi engafuni kucwaningwe amabhuku emali. Kusolwa nengxenye yabesilisa okuthiwa ihlukumeza abesifazane maqede ibayalele ukuba babone abafike ngayo uma kuwukuthi bayakhononda. Kusolwa omunye wabaholi ngokungena agamanxe ekuphathweni kwemali kanti ngokomthethosisekelo webandla, akavumelekile ukuba nezwi ekuphathweni kwenkence. 

ILANGA lisibonile isithombemnyakazo (video) sesigameko okubikwa ukuthi senzeke mhla ka-11 kwephezulu, lapho kubonakala kusona owesifazane efunda incwadi, abuye adonse umakhalekhukhwini afunde oku-bhaliwe maqondana nokumiswa kwakhe ebandleni. Kubonakala owesilisa emngena emlonyeni, emyalela ukuba angakhulumi ngoba akafanele ukuphawula ngezindaba zebandla. 

Umthombo waleli phephandaba uthe ziningi izigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane kuleli bandla. “Inkinga yisikhulu esithanda kakhulu imali. Sithi sifuna ‘ukuxhawulwa’ ekubeni safika ngo-2019. Safika sihamba ngemoto endala sisuka ezweni lakubo, sabona ukuthi akulungile ukuthi thina sihambe ngezimoto eziphambili ekubeni sona sihamba ngendala. Sathatha imali yebandla safaka nemali yethu, sasithengela iveni yakwaToyota, i-double cab. Kumanje sithi sifuna ukwenzelwa umcimbi wokusixhawula (umcimbi wokusamukela ebandleni). Abantu abaningi baphumile kuleli bandla kanti abasele ngeke bakwazi ukwenza inkonzo yokusixhawula,” kusho umthombo. 

ILANGA lixhumane nelungu lebandla lesifazane elibonakala kwisithombemnyakazo, elikuqinisekisile ukuthi yilona elivela kusona, kodwa lacela ukungaphawuli ngalolu daba. 

Leli phephandaba libe selixhumana noMnu Africa Mhlangu ongumdikhoni kuleli bandla, othe akali ukuphawula, kodwa ufuna ukunikwa isikhathi esanele. “Ngiyasazi isigameko esenzeka ngomhla ka-11 kule nyanga kodwa okwamanje ngeke ngikwazi ukuphawula ngaso,” esho. 

UNkk Ningi Ngcobo ongunobhala waleli bandla ezingeni lesifundazwe, uthe uyitholile incwadi evela kwelinye lamalungu angagculisekile ngokuqhubekayo ebandleni. “Okwamanje ngeke ngikwazi ukwenaba ngokubhalwe kuyona ngoba bengingakayethuli ebuholini bebandla,” kuphetha uNkk Ngcobo. 

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleKuzohlomula nomphakathi kowe-gospel owandulela iPhasika
Next articleKusize inkosi uMnyango wezeMfundo utotoba kolokwakhiwa kwesikole