PHUMLANI GAMA
LISINDISWE wukuya enkonzweni ikhansela leNFP, okuhlaselwe kwabulawa umyeni walo kufunwa lona ngoMgqibelo kusihlwa, eBuxeden, KwaNongoma.
UMnu Phuthuma Zulu (63), uhlaselwe ngababulali esemzini wakhe emuva kokuba sebehluleke bancama wukuthola umkakhe, uNkk Senzeni Zulu, oyikhansela kuMasipala waKwaNongoma.
Ngokulandisa kwelungu lomndeni (elicele ukuthi siligodle), ababulali abane bafike emzini kamufi bazenza abantu abadinga usizo lukasokhaya.
Kube sekuyalelwa omunye wabazukulu bakhe ukuba ayomvusa egunjini lakhe lokulala.
Abasolwa kabakhulumanga naye isikhathi eside ngaphandle kokuthi bathe bazofuna uNdlunkulu (okuyigama abizwa ngalo), okuthe uma elandula umufi, badonsa izibhamu bethi makavule kuzona zonke izindlu.
Kuthiwa bebekhuzana bebodwa abasolwa, bethi makangadutshulwa umufi, kodwa omunye wabo wamdubula.
Ukuqhuma kwesibhamu kunyakazise abantu emphakathini njengoba ingxenye yomakhelwane, ixhumane namalungu omndeni kamufi, kwabikelwa amaphoyisa.
Amaphoyisa abenkanise kuzona zonke izintuba ezingenela KwaNongoma.
Abasolwa babanjwe KwaKhangela belibangise oPhongolo, behamba ngeVW Polo enezinombolo zaseGoli – okuyikho okwenze amalungu omphakathi ayiqaphele endaweni.
ILANGA lithole ukuthi sebebanjiwe abasolwa, batshele amaphoyisa nelungu lomndeni ebelikhona beboshwa ukuthi bafike ngehora lesikhombisa ekuseni eBuxeden, bebelokhu bezungeza umuzi kamufi.
Ilungu lomndeni litshele leli phephandaba ukuthi unina uphume ngehora lesithupha ababulali bafika ngelesikhombisa.
“Umama usindiswe wukuthi ubesenkonzweni. Thina kasinandaba nokuboshwa nokungaboshwa kwabo.
“Bagwetshiwe noma kabagwetshiwe, akusho lutho kithina lokho, kodwa esikudingayo wukuthi bakhulume iqiniso ukuthi bebethunywe ngubani ukuba bazobulala umama,” kusho ilungu lomndeni.
ILANGA lixhumane noNkk Zulu olitshele ukuthi uzizwa engaphephile.
“Angazi noma babulale umkhulu ngoba benzela ukungithola sengingedwa yini, ngoba kulezi zinsuku siyabulawa thina makhansela,” esho.
Imeya yaKwaNongoma, uMnu Mshangane Ndabandaba, itshele leli phephandaba ukuthi wonke amakhansela eNFP ahlafuna ejeqeza.
Isole ukushaya ngonyawo lonwabu kophenyo lwamaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Robert Netshiunda, uthunyelelwe imibuzo okuthe ngokuhamba kosuku, wayalela leli phephandaba ukuxhumana noBrig Athlenda Mathe okhulumela amaphoyisa kuzwelonke.
UBrig Mathe ukuqinisekisile ukuthi uyitholile imibuzo, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyanga nempendulo. phumlani@ilanganews.co.za