INTATHLEI YELANGA
UGCINE “ezigxumekele isifulathi” sakhe u-Ace Magashule owakhonjwa indlela kwi-ANC, ayengunobhala-jikelele wayo njengoba ememezele iqembu lakhe, i-African Congress for Transformation (ACT). UMagashule owake waba ngundunankulu waseFree State, umemezele i-ACT namhlanje eSoweto. Kubaholi abambambe kulesi sifulathi sakhe, kukhona uBerning Ntlemeza owake waba yinhloko yoKlebe nabanye abebengamakhansela e-ANC.
Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa i-ACT uMagashule, uthe sebebazisile abahlobo babo e-Afrika jikelele nalabo abakwiBrics (Brazil, Russia, India, China neSouth Africa) ngokusungulwa kwaleli qembu. “Siqome ukungakhulumi nge-ANC nabaholi bayo. Singamahlubuka impela ngenxa yokuthi i-ANC isidayisile,” kusho uMagashule. Uthe bakhona abaholi “abasenonembeza” kwi-ANC abaxhumanayo nabo. Wengeze ngokuthi ngeke bagqame ngengevu, bazolandela isinqamulelo segama labo, babonakale ngemisebenzi.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMagashule ukhonjwe indlela kwi-ANC ngoNhlangulana (June) nonyaka, esenuka iqaqa kuleli qembu. Wabizelwa ekomidini esiqondisa ubugwegwe ukuba achaze ukuthi kungani kungafanele kunqanyulwe ubulungu bakhe kuleli qembu, kodwa yena walishaya indiva leli komidi, wabe esekhonjwa afika ngayo. usungula iqembu nje, usabhekene namacala enkohlakalo, wukweba, wukukhwabanisa nokushintshisana ngemali ngendlela engekho emthethweni. OKlebe bakhipha incwadi egunyaza ukuba aboshwe mhla ka-10 kuLwezi (November) 2020. La macala asukela enkontilekeni ka-R255 million eyanikwa iBlackhead Consulting wuMnyango wezokuHlaliswa Kwabantu eFree State ngo-2014.
Le nkontileka – eyakhishwa uMagashule esangundunankulu eFree State – kwakungeyokuhlola futhi kukhishwe itsheboya (asbestos) emizini yakulesiya sifundazwe. Nokho icala lakhe nabanye abawu-15, aboshwa nabo, belilokhu lihlehla ngenxa yokuthi (uMagashule) ubefaka amaphepha enkantolo, ekhala ngokuthi uboshelwa amanqina enyathi, amacala abekwe wona avutshelwe ngenhloso yepolitiki. Nokho kugcine kunqunywe ukuba liqale ukuqulwa mhla ka-15 kuMbasa (April) kuya kumhla ka-23 kuNhlangulana ku-2024.
Kuzalwa leli qembu nje, kuyacaca ukuthi ukube i-ANC ingumzali, ngabe kayizali iyahulula. Kwamanye amaqembu aphuma kuKhongolose kubalwa iPAC kaMangaliso Sobukwe, i-UDM eyazalwa emuva kokuxoshwa kukamengameli wayo, uBantu Holomisa kwi-ANC, iCongress of the People kaMosiuoa “Terror” Lekota ne-EFF eyasunguleka emuva kokuxoshwa kukaJulius Malema kuKhongolose. Ngaphandle kwala maqembu, neNkatha yasungulwa ngezibusiso zobuholi be-ANC obabuholwa nguMnu Oliver Tambo.