Lititinywe wumphakathi lashona ibhantinti “ebelidlwengula” ingane (11)

1345

PHUMLANI GAMA 

LITITINYWE ngamalungu omphakathi laze laya kwagoqanyawo ibhantinti elisolwa ngokunukubeza ngokocansi intombazanyana (11) emasimini aseMjindi, eMamfene, eJozini ngoLwesihlanu. 

Umufi odabuka eMadonela, Kwa-Mhlabuyalingana, uvinjezelwe ensimini yomoba wumphakathi ngemuva kokuba abafowabo besisulu bebikele omakhelwane ngowesilisa othathe udadewabo wangena naye ensimini. 

Ngokusho kwelungu lomphakathi elizibonele, umufi ubanjwe oqotsheni enukubeza isisulu. 

“Lezi zingane zishiywe nguyise emasimini ngenhloso yokuba zisale ziqhubeka nomsebenzi, yena kukhona ayokulanda edolobheni eJozini. Izingane zibike ukuthi umsolwa ufike wazisabisa maqede wahlwitha isisulu. 

“Siphoqeleke ukuba sisebenze ngokuzikhandla ukuze ezotholakala lo muntu. Amalungu omphakathi ahlulekile wukuzibamba, aphunyukelwa yisandla. 

“Thina simshiye elele phansi engakafi, kodwa ibisiphelile ingxoxo ebiphakathi kwakhe namalungu omphakathi,” kusho ilungu lomphakathi. 

Ikhansela lendawo uMnu Mfananaye Mathe, litshele leli phephandaba ukuthi liyakuqonda ukuthukuthela komphakathi, kodwa kalihambisani nokuthi uzibambele umthetho. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe kuvulwe icala lokubulala nelokudlwengula. amaphoyisa ayaphenya.

Previous articleIzinhlelo zeChiefs ngoDove
Next articleKuxwayiswa abakwaMandela ngegodi elisale likhamisile